Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 14:32 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 U-Abisalomu wathi kuJowabe: “Bheka, ngithumele kuwe, ngithi: ‘Woza lapha ukuba ngikuthume enkosini ukuyothi: “Ngisukeleni eGeshuri na? Ngabe kungcono kimi ukuba bengisekhona lapho.” ’ Ngalokho mangibone ubuso benkosi; uma kukhona icala kimi, mayingibulale.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

32 U-Absalomu wathi kuJowabe: “Ngithumele kuwe, ngathi: ‘Woza lapha ukuze ngikuthume enkosini, uyothi kuyo: “Ngibuyiselweni eGeshuri na? Ngabe kungcono kimi ukuba bengisekhona lapho.” ’ “Ngakho-ke ngicela ukubona ubuso benkosi; uma nginecala, mayingibulale.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

32 U-Abisalomu wamphendula uJowabe wathi: “Bheka, ngithumele kuwe ukuthi: ‘Woza lapha, ukuze ngikuthume enkosini, uthi: ‘Ngibuyeleni ngivela eGeshuri? kwaba kuhle kimi ukuba ngibe lapho; manje mangibone ubuso benkosi; uma kukhona okubi kimi, makangibulale.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 14:32
15 Referans Kwoze  

Ofihla iziphambeko zakhe akayikuphumelela, kepha ozivumayo azishiye uyakuthola umusa.


Ngalokho yenzela inceku yakho isihawu, ngokuba ungenisile inceku yakho esivumelwaneni sikaJehova nawe; kepha uma kukhona ububi kimi, ngibulale wena, ngokuba ubuyakungiyiselani kuyihlo na?”


Leli alisilo izwi esalikhuluma kuwe eGibithe, sithi: ‘Siyeke, sikhonze abaseGibithe,’ na? Ngokuba bekuyakuba ngcono kithi ukubakhonza abaseGibithe kunokuba sifele ehlane.”


Kepha siyazi ukuthi lokhu okushoyo umthetho ukukhuluma kubo abasemthethweni ukuba yonke imilomo ivinjwe, izwe lonke libe necala kuNkulunkulu,


“Khona bayakuphendula nabo, bathi: ‘Nkosi, sakubona nini ulambile, noma womile, noma ungumfokazi, noma uhamba ze, noma ugula, noma usetilongweni, singakukhonzanga, na?’


Bayakuba namahloni, ngokuba benza izinengiso; nokho abanamahloni nakanye, abakhophozi; ngalokho bayakuwa phakathi kwabawayo, ngesikhathi sokubahambela kwami bayakukhubeka, usho uJehova.


Ngokuba ukonakala kwakhe kuyamthopha emehlweni akhe, ukuze kungafunyanwa, azondeke ngakho.


USamuweli wafika kuSawule; uSawule wathi kuye: “Mawubusiswe nguJehova; sengifezile izwi likaJehova.”


Abantu bomela khona amanzi; abantu bakhonona ngoMose, bathi: “Usikhuphuleleni eGibithe ukuba usibulale, thina nabantwana bethu nezinkomo zethu ngokoma, na?”


Abantwana bakwa-Israyeli bathi kubo: “Sengathi nga safa ngesandla sikaJehova ezweni laseGibithe, lapho sasihlezi ngasemakhanzini enyama, sidla isinkwa sisutha, ngokuba nisiphumisele kuleli hlane ukuyobulala lonke leli bandla ngendlala.”


U-Adamu wathi: “Owesifazane, owangipha yena ukuba abe nami, unginikile kuwo umuthi, ngadla.”


eyesibili yaba nguKileyabi ku-Abigayili umkaNabali waseKarmeli; eyesithathu yayingu-Abisalomu indodana kaMahakha indodakazi kaTalimyi inkosi yaseGeshuri;


Kepha u-Abisalomu wabaleka, waya kuTalimayi indodana ka-Amihudi, inkosi yaseGeshuri. UDavide walilela indodana yakhe zonke izinsuku.


Wayesesuka uJowabe, waya ku-Abisalomu endlini yakhe, wathi kuye: “Izinceku zakho ziyithungeleleni insimu yami ngomlilo na?”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite