Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 14:25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Kwa-Israyeli wonke kwakungekho muntu omuhle njengo-Abisalomu owababazeka kakhulu, kungekho sici kuye kusukela ematheni onyawo kuze kube sokhakhayini.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

25 Kulo lonke elakwa-Israyeli kwakungekho muntu owayebatshazwa ngobuhle njengo-Absalomu. Wayengenasici, kusukela ematheni onyawo kuya okhakhayini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Kepha kwa-Israyeli wonke kwakungekho muntu otusekayo njengo-Abisalomu ngobuhle bakhe; kusukela ematheni ezinyawo zakhe kuze kufike okhakhayini lwekhanda lakhe akantulanga.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 14:25
11 Referans Kwoze  

Kusukela ematheni onyawo kuze kube sekhanda akukho okuphelele, ngamanxeba nje, nemivimbo, nemidwa emisha; akukhanywanga ubovu, akuboshwanga, akuthanjiswanga ngamafutha.


Wayesephuma uSathane ebusweni bukaJehova, wamshaya uJobe ngamathumba amabi, kusukela ematheni onyawo kuze kufike okhakhayini.


UJehova uyakukushaya emadolweni akho nasemilenzeni ngamathumba amabi ongenakuphulukiswa kuwo, kusukela ematheni onyawo lwakho kuze kufike okhakhayini lwakho.


ukuze azimisele ibandla elinenkazimulo, lingenasisihla, nambimbi, nanto enjalo, kodwa libe ngcwele lingenacala.


“Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nifana namaliba acakiweyo abonakala emahle ngaphandle, kanti ngaphakathi agcwele amathambo abafileyo nokungcola konke!


Ubuhle buyinkohliso, nokubukeka kuyize, kepha owesifazane owesaba uJehova uyakudunyiswa.


Kepha uJehova wathi kuSamuweli: “Ungabheki isimo sakhe nobude bomzimba wakhe, ngokuba ngimalile, lokhu uJehova engabukisi okomuntu; umuntu ubheka okusemehlweni, kepha uJehova ubheka okusenhliziyweni.”


Wayenendodana egama layo lalinguSawule, insizwa enhle; kwakungekho muntu omuhle kunaye phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; kusukela emahlombe akhe kuya phezulu wayemude kunabo bonke abantu.


abafana abangenasici, ababukeka kahle, abanengqondo ekuhlakanipheni konke, abanolwazi ekwazini, abanokuqonda ekwazini, abanamandla ukukhonza endlini yenkosi, abafundise izincwadi nolimi lwamaKaledi.


Uyise wayengamdabukisanga nakanye ngokuthi: “Wenzeleni lokhu na?” Futhi wayebukeka emuhle kakhulu, wayelama u-Abisalomu.


ebhince amabhande* okhalweni lwawo, enemishuqulo ebanzi emakhanda, onke ebonakala njengezikhulu ngokwesimo sabaseBabele ababezelwe ezweni laseKalideya.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite