Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 13:39 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

39 Inkosi uDavide yalangazelela ukuya ku-Abisalomu, ngokuba yayisiduduzekile ngo-Amnoni ibona ukuthi sewafa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

39 Inhliziyo yenkosi uDavide yalangazelela ukubona u-Absalomu, lokhu yayisize yaduduzeka ibona ukuthi impela u-Amnoni ufile.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

39 Umphefumulo wenkosi uDavide walangazelela ukuphuma ku-Abisalomu, ngokuba yayiziduduzile ngo-Amnoni, ngokuba wayesefile.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 13:39
10 Referans Kwoze  

U-Isaka wamngenisa etendeni likanina uSara, wamthatha uRebeka, wabangumkakhe; wamthanda; u-Isaka wayeseduduzeka emva kokufa kukanina.


Emva kwezinsuku eziningi yafa indodakazi kaShuwa umkaJuda; eseduduzekile uJuda wakhuphuka, waya kubo abagundi bezimvu zakhe eThimna, yena kanye nomhlobo wakhe uHira wase-Adulamu.


Onke amadodana akhe nawo onke amadodakazi akhe asuka ukuyomduduza, kepha wala ukududuzwa, wathi: “Ngiyakwehla, ngiye endodaneni yami endaweni yabafileyo ngilila.” Uyise wamlilela-ke.


lokhu wayenilangazelela nonke, eyaluza ngokuba nizwile ukuthi wayegula.


Umphefumulo wami waphukile ngokulangazelela njalo izahlulelo zakho.


Umphefumulo wami ulangazelela, womela amagceke kaJehova; inhliziyo yami nomzimba wami kuyahuba ngokwethaba kuNkulunkulu ophilayo.


Amadodana akho namadodakazi akho ayakunikwa ezinye izizwe, amehlo akho abheke, aphele ngokuwalangazelela lonke usuku, kungabikho lutho emandleni esandla sakho.


Manje njengokuba usumuka impela, lokhu ulangazelela nokulangazelela indlu kayihlo, webeleni izithixo zami na?”


UJowabe indodana kaSeruya wayeseqonda ukuthi inhliziyo yenkosi iku-Abisalomu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite