Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 13:36 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

36 Kwathi eseqedile ukukhuluma, bheka, afika amadodana enkosi, adazuluka, akhala; nenkosi nazo zonke izinceku zayo zakhala ngokukhala okukhulu kakhulu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

36 Kwathi lapho eqeda nje ukukhuluma, kwafika amadodana enkosi; adazuluka, akhala, inkosi nazo zonke izinceku zayo bakhala kakhulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

36 Kwathi eseqedile ukukhuluma, amadodana enkosi afika aphakamisa amazwi awo akhala; nenkosi nazo zonke izinceku zayo bakhala kakhulu.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 13:36
5 Referans Kwoze  

Yayisidabuka kakhulu inkosi, yakhuphukela ekamelweni elingaphezu kwesango, yakhala; isahamba yathi: “Hhawu, ndodana yami Abisalomu, ndodana yami, ndodana yami Abisalomu! Sengathi nga ngifile esikhundleni sakho, Abisalomu, ndodana yami, ndodana yami!”


U-Amnoni wayesemzonda ngenzondo enkulu kakhulu, ngokuba inzondo amzonda ngayo yaba nkulu kunothando akade emthanda ngalo. U-Amnoni wathi kuye: “Vuka uhambe.”


Zase zithi izinceku zakhe kuye: “Yintoni le oyenzileyo na? Wazila ukudla, wakhala ngomntwana esekhona, kepha lapho esefile, uvukile wadla.”


UJonadaba wathi enkosini: “Bheka, amadodana enkosi ayeza; kunjalo njengokusho kwenceku yakho.”


Kepha u-Abisalomu wabaleka, waya kuTalimayi indodana ka-Amihudi, inkosi yaseGeshuri. UDavide walilela indodana yakhe zonke izinsuku.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite