Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 13:28 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 U-Abisalomu wayala izinceku zakhe ngokuthi: “Bhekani, lapho inhliziyo ka-Amnoni ithokoza ngewayini nalapho ngithi kini: ‘Bulalani u-Amnoni,’ nimbulale ningesabi; angithi mina nginiyalile na? Yimani isibindi, nibe ngamaqhawe.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

28 U-Absalomu wayala izinceku zakhe, wathi: “Niyabona-ke, kuyothi lapho selimngene iwayini u-Amnoni, ngiyothi kini: ‘Bulalani u-Amnoni,’ nimbulale, ningesabi, ngokuba niyobe niyalwe yimi ukwenza kanjalo. Yimani isibindi, nibe ngamaqhawe.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

28 U-Abisalomu wayala izinceku zakhe, wathi: “Bhekani, lapho inhliziyo ka-Amnoni ithokoza ngewayini, nalapho ngithi kini: ‘Bulalani u-Amnoni,’ bese nimbulala, ningesabi. Anginiyalanga na? yiba nesibindi futhi ube nesibindi.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 13:28
30 Referans Kwoze  

Bahlala phansi, badla, baphuza bobabili kanyekanye; uyise wentombi wathi kuyo indoda: “Ake udele, ulale ubusuku, ithokoze inhliziyo yakho.”


Besajabulisa izinhliziyo zabo, bheka, abantu bomuzi, abantu ababi, bahaqa indlu nxazonke, bangqongqotha emnyango; basho kumninindlu, ixhegu, bathi: “Khipha lowo muntu owangena endlini yakho ukuba simazi.”


Lapho umuntu esesukuma ukuba ahambe, yena nesancinza sakhe nenceku yakhe, umukhwe wakhe, uyise wentombi, wathi kuye: “Bheka, ilanga seliyathambama, sekuzakuhlwa; ake uhlale ubusuku bonke; yebo, ilanga seliyakuphela; hlala lapha ukuba inhliziyo yakho ithokoze, nivuke kusasa ekuseni kakhulu, nihambe indlela yenu ukuba ufike etendeni lakho.”


UBowazi wadla waphuza, inhliziyo yakhe yathokoza, waya ukulala ngasekugcineni kwenqwaba yamabele; wafika kahle, wambula izinyawo zakhe, walala.


Kepha uPetru nabaphostoli baphendula bathi: “Simelwe ukulalela uNkulunkulu kunabantu.


“Xwayani ukuba izinhliziyo zenu zingasindwa ngukuminza nokudakwa nokunaka okwalokhu kuphila, lunizume lolo suku ningazelele,


Lapho bethandela njengameva, benjengabaminzileyo ophuzweni lwabo, bayakuqedwa nokuqedwa njengamabibi omileyo.


Ngalobo busuku uBelishasari inkosi yamaKaledi wabulawa.


Idili lenzelwa ukuhleka, newayini liyenamisa ukuphila, kepha imali iyimpendulo yakho konke.


Hamba udle isinkwa sakho ngentokozo, uphuze iwayini ngenhliziyo enhle, ngokuba uNkulunkulu usevumile imisebenzi yakho.


newayini elijabulisa inhliziyo yomuntu, namafutha okukhazimulisa ubuso, nesinkwa esiqinisa inhliziyo yomuntu.


Ngosuku lwesikhombisa, lapho inhliziyo yenkosi isithokoza ngewayini, yayala oMehumani, noBizitha, noHaribona, noBigitha, no-Abagitha, noZethari, noKarikasi, izinduna eziyisikhombisa ezazikhonza ebusweni buka-Ahashiveroshi inkosi


Baphuma emini. Kepha uBeni Hadadi wayephuza waze wadakwa emadokodweni, yena namakhosi, amakhosi angamashumi amathathu nambili amsizayo.


Waloba encwadini ukuthi: “Misani u-Uriya ngaphambili, lapho impi ishisa khona, nihlehle kuye ukuba ashaywe, afe.”


Esebiziwe nguDavide wadla waphuza phambi kwakhe; wamdakisa; kusihlwa waphuma ukuyolala embhedeni wakhe kanye nezinceku zenkosi, kepha akehlelanga endlini yakhe.


Inkosi yayisithi kuye: “Ungesabi; ubonani na?” Owesifazane wathi kuSawule: “Ngibona unkulunkulu ephuma emhlabathini.”


USawule wafunga uJehova kuye owesifazane, wathi: “Kuphila kukaJehova, awuyikwehlelwa cala ngalokho.”


Angikuyalile na? Qina, ume isibindi, ungesabi, ungabi naluvalo, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe nomaphi lapho uya khona.”


Waphuza iwayini, wadakwa, walala nqunu etendeni lakhe.


Ngalokho inkemba ayiyikusuka endlini yakho, ngokuba ungidelele, wathatha umka-Uriya umHeti ukuba abe ngumkakho.’


U-Abisalomu wayicindezela, yaze yavuma ukuba u-Amnoni nawo onke amadodana ahambe naye.


Inkosi yaseGibithe yayisibiza ababelethisi, yathi kubo: “Nenzeleni lokhu, nasindisa abafana, na?”


USawule wayaleza izinceku zakhe ngokuthi: “Khulumani noDavide ngasese, nithi: ‘Bheka, inkosi yenamile ngawe, nazo zonke izinceku zayo ziyakuthanda; ngalokho yiba ngumkhwenyana wenkosi.’ ”


Incekukazi yakho yayinamadodana amabili; alwa odwa endle, akwabakho muntu wokulamula, kepha enye yashaya enye, yayibulala.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite