Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 13:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 U-Abisalomu akakhulumanga okuhle noma okubi, ngokuba u-Abisalomu wamzonda u-Amnoni, lokhu emphoqile udadewabo uTamari.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

22 U-Absalomu akazange akhulume lutho olubi noma oluhle ku-Amnoni, kodwa u-Absalomu wamzonda u-Amnoni, ngokuba wayemphoqile udadewabo, uThamari.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 U-Abisalomu akakhulumanga okuhle nokubi ku-Amnoni umfowabo, ngokuba u-Abisalomu wamzonda u-Amnoni, lokhu ephoqile udadewabo uTamari.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 13:22
19 Referans Kwoze  

UNkulunkulu weza kuLabani umAramu ephusheni ebusuku, wathi kuye: “Qaphela ukuba ungakhulumi kuJakobe okuhle noma okubi.”


Lowo ozonda umzalwane wakhe ungumbulali; niyazi ukuthi akukho mbulali onokuphila okuphakade okuhlezi kuye.


Base bephendula oLabani noBetuweli, bethi: “Le ndaba ivela kuJehova; asinakusho lutho kuwe, noma okubi noma okuhle.


kepha ozonda umzalwane wakhe usebumnyameni, uhamba ebumnyameni, akazi lapho eya khona, ngokuba ubumnyama buwaphuphuthekisile amehlo akhe.


Lowo othi usekukhanyeni, abe ezonda umzalwane wakhe, usesebumnyameni kuze kube kalokhu.


Konke okubabayo, nentukuthelo, nolaka, nomsindo, nokuhlambalaza makususwe kini kanye nakho konke okubi.


Thukuthelani ningoni; ilanga malingashoni nisathukuthele.


“Kepha uma umfowenu ekona, hamba umsole ninodwa naye. Uma ekuzwa, woba umzuzile umfowenu.


Ungasheshi ukuthukuthela emoyeni wakho, ngokuba ulaka luhlala ezifubeni zeziwula.


Ozondayo uyazenzisa ngezindebe zakhe, ubekelela inkohliso enhliziyweni yakhe.


Mela indaba yakho nomakhelwane wakho, ungambuli imfihlakalo yomunye,


Ofihla inzondo unezindebe zamanga; ophumisa inhlebo uyisiwula.


Kusemandleni esandla sami ukwenza okubi kuwe, kepha uNkulunkulu kayihlo ukhulumile kimi ebusuku obudlule, wathi: ‘Qaphela ukuba ungakhulumi kuJakobe okubi noma okuhle.’


Ngalokho kubonakala abantwana bakaNkulunkulu nabantwana bakaSathane; lowo ongenzi ukulunga akasiye okaNkulunkulu, naye ongamthandi umzalwane wakhe.


kungabi njengoKayini owaba ngowomubi, wabulala umfowabo; wambulalelani na? Ngokuba imisebenzi yakhe yayimibi, kepha eyomfowabo yayilungile.


Isizwile inkosi uDavide zonke lezo zinto yathukuthela kakhulu.


Noma inzondo yakhe isibekelwa ngenzondo, ububi bakhe buyakwambulwa ebandleni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite