Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 13:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kwathi emva kwalokho u-Abisalomu indodana kaDavide wayenodadewabo obukekayo ogama lakhe linguTamari; u-Amnoni indodana kaDavide wamthanda.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 U-Absalomu, indodana kaDavide, wayenodadewabo omuhle, ogama lakhe kunguThamari; u-Amnoni, indodana kaDavide, wayemthanda.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ngasemuva u-Abisalomu indodana kaDavide wayenodadewabo omuhle ogama lakhe linguTamari; u-Amnoni indodana kaDavide wamthanda.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 13:1
15 Referans Kwoze  

Bonke labo babe ngamadodana kaDavide ngaphandle kwamadodana ezancinza; uTamari wayengudadewabo.


owesithathu ngu-Abisalomu indodana kaMahakha indodakazi kaTalimayi inkosi yaseGeshuri; owesine ngu-Adoniya indodana kaHagiti;


U-Abisalomu wazalelwa amadodana amathathu nendodakazi inye egama layo linguTamari; yayingowesifazane obukeka emuhle.


U-Amnoni wayesemzonda ngenzondo enkulu kakhulu, ngokuba inzondo amzonda ngayo yaba nkulu kunothando akade emthanda ngalo. U-Amnoni wathi kuye: “Vuka uhambe.”


Ubuhle buyinkohliso, nokubukeka kuyize, kepha owesifazane owesaba uJehova uyakudunyiswa.


Ungakhanuki ubuhle bakhe enhliziyweni yakho, angakubambi ngezinkophe zakhe.


Inkosi uSolomoni yathanda abesifazane abaningi bezizwe kanye nendodakazi kaFaro, abangamaMowabikazi, nama-Amonikazi, nama-Edomikazi, namaSidonikazi, namaHetikazi,


Kwathi kusihlwa uDavide wavuka embhedeni, wahamba ophahleni lwendlu yenkosi, wabona esesophahleni owesifazane egeza; owesifazane wayemuhle kakhulu, ebukeka.


Inhliziyo yakhe yabambelela kuDina indodakazi kaJakobe, wayithanda intombi, wakhuluma kuyo inhliziyo yentombi.


UJakobe wayesesebenzela uRaheli iminyaka eyisikhombisa; yayisemehlweni akhe njengezinsuku eziyingcosana nje ngenxa yokumthanda kwakhe.


UJakobe wamthanda uRaheli; wathi: “Ngizakukusebenzela iminyaka eyisikhombisa ngoRaheli indodakazi yakho encane.”


amadodana kaNkulunkulu abona amadodakazi abantu ukuthi mahle, azithathela abafazi kuwo awathandayo.


U-Amnoni wajilajileka waze wagula ngenxa kadadewabo uTamari, ngokuba wayeyintombi; kwakungenakwenzeka emehlweni ka-Amnoni ukwenza lutho kuye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite