Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 12:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 ngakunika indlu yenkosi yakho, nabafazi benkosi yakho esifubeni sakho, ngakupha indlu yakwa-Israyeli neyakwaJuda; uma lokho bekukuncane, ngangiyakukwenezela lokhu nalokho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Ngakunika indlu yenkosi yakho, nabafazi bayo wacamela kubo, ngakunika indlu yakwa-Israyeli neyakwaJuda. Uma lokho kukuncane bengiyakukwenezela ngokunye okuningi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngakunika indlu yenkosi yakho nabafazi benkosi yakho esifubeni sakho, ngakunika indlu yakwa-Israyeli noJuda; uma bekukuncane kakhulu, bengiyakukunika okunye nokunye.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 12:8
11 Referans Kwoze  

Ngokuba uJehova uNkulunkulu uyilanga nesihlangu; uJehova uyakupha umusa nodumo; akayikubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho.


UDavide wayesethi kuye: “Ungesabi, ngokuba impela ngiyakukwenzela umusa ngenxa kaJonathani uyihlo, ngikubuyisele lonke izwe likayihlo uSawule, udle njalo etafuleni lami.”


Yena ongayigodlanga eyakhe iNdodana, kepha wayinikela ngenxa yethu sonke, kungaba kanjani ukuba angasiphi konke kanye nayo na?


“Usho kanje uJehova, uthi: ‘Bheka, ngiyakukuvusela okubi okuvela endlini yakho, ngithathe abafazi bakho phambi kwamehlo akho, ngibanike umakhelwane wakho, alale nabafazi bakho ekukhanyeni kwaleli langa.


Lokho kwakuyinto encane nje nokho emehlweni akho, Nkosi Jehova, kepha ukhulumile futhi ngendlu yenceku yakho isekude, ukukhulume futhi ngendlela yabantu, Nkosi Jehova.


EHebroni wabusa kwaJuda iminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha; eJerusalema wabusa iminyaka engamashumi amathathu nantathu kwa-Israyeli wonke nakwaJuda.


Bafika abantu bakwaJuda, bamgcoba khona uDavide abe yinkosi yendlu yakwaJuda. Bamtshela uDavide ukuthi: “Abantu baseJabeshi Gileyadi yibo abammbela uSawule.”


Awulalelanga ngani izwi likaJehova, kepha watheleka phakathi kwempango, wenza okubi emehlweni kaJehova, na?”


Kepha wena Nkosi unguNkulunkulu ohawukelayo, onomusa nokubekezela, uvame ubumnene nokuthembeka.


Inkosi uSolomoni yaphendula, yathi kunina: “Umcelelelani u-Adoniya u-Abishagi waseShunemi na? Mcelele nombuso futhi, ngokuba ungumnewethu; yebo, mcelele yena no-Abiyathara umpristi, noJowabe indodana kaSeruya.”


Ecebileyo yayinezimvu nezinkomo eziningi kakhulu,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite