Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 12:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 UNathani wathi kuDavide: “Nguwe lowo muntu. Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Ngakugcoba ube yinkosi phezu kuka-Israyeli, ngakophula esandleni sikaSawule,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 UNathani wathi kuDavide: “Nguwe kanye lowo muntu. Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi kuwe: ‘Ngakugcoba waba yinkosi ka-Israyeli, ngakusindisa esandleni sikaSawule.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 UNathani wasesithi kuDavida: Nguwe lowomuntu. Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Ngakugcoba ube yinkosi kwa-Israyeli, ngakusindisa esandleni sikaSawule;

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 12:7
22 Referans Kwoze  

Waphuma, wabona isixuku esikhulu; waba nesihe ngaso, waphulukisa abagulayo babo.


USamuweli wayesethatha uphondo lwamafutha, wamgcoba phakathi kwabafowabo; uMoya kaJehova wehlela phezu kukaDavide ngamandla, kusukela kulolo suku kuya phambili. Wayesesuka uSamuweli, waya eRama.


UDavide wakhuluma kuJehova amazwi aleli hubo mhla uJehova emophula esandleni sezitha zakhe zonke nasesandleni sikaSawule,


Wathi kuyo: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Ngokuba umyekile ukuba aphume esandleni sakho umuntu engangimqalekisile, ukuphila kwakho kuyakuba sesikhundleni sokuphila kwakhe, nabantu bakho babe sesikhundleni sabantu bakhe.’ ”


Kodwa wathi: “Mina angimhluphanga u-Israyeli, kepha nguwe nendlu kayihlo, ngokuyilahla imiyalo kaJehova, uze ulandele oBali.


ongikhiphile ezitheni zami, wangiphakamisa phezu kwabangivukelayo, wangikhulula kumuntu oyisidlwangudlwangu.


“Ngalokho uyakusho kanje encekwini yami uDavide, uthi: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: Mina ngakuthatha edlelweni ekwaluseni izimvu ukuba ube ngumbusi wabantu bami kwa-Israyeli;


UDavide wahlala ehlane ezinqabeni, wahlala ezintabeni ezisehlane laseZifi. USawule wamfuna zonke izinsuku, kepha uNkulunkulu akamnikelanga esandleni sakhe.


Kwabikwa kuSawule ukuthi uDavide ufikile eKeyila. Wayesethi uSawule: “UNkulunkulu umkhaphele esandleni sami, ngokuba uzivalele ngokungena emzini onamasango nemigoqo.”


Wayesethi uSawule: “Ngiyakumnika yena ukuba abe lugibe kuye, isandla samaFilisti sibe phezu kwakhe.” Ngalokho uSawule wathi kuDavide: “Uyakuba ngumkhwenyana wami ngokwesibili namuhla.”


Wathi uSamuweli: “Nakuba wawumncane emehlweni akho, awenziwanga yini waba yinhloko yezizwe zakwa-Israyeli na? UJehova wakugcoba, waba yinkosi phezu kuka-Israyeli.


USamuweli wathi kuSawule: “Wenze ngobuwula, awugcinanga umyalo kaJehova uNkulunkulu wakho akuyala ngawo, ngokuba uJehova ubeseyakuqinisa umbuso wakho kwa-Israyeli kuze kube phakade.


Ngiyakuthanda, Jehova, mandla ami.


USawule wawuciba umkhonto, ngokuba wathi: “Ngiyakumbhujela uDavide odongeni.” Kepha uDavide washalaza phambi kwakhe kabili.


Wathi-ke owesifazane: “Uqambeleni okunjalo ngabantu bakaNkulunkulu na? Ngokukhuluma leli zwi inkosi injengonecala, lokhu inkosi ingabuyisi oxoshiweyo wayo.


Hamba umtshele uJerobowamu ukuthi: ‘UJehova uNkulunkulu ka-Israyeli usho kanje, uthi: Njengokuba ngakuphakamisa phakathi kwabantu, ngakubeka ube ngumbusi wabantu bami u-Israyeli,


nguwe nkosi okhulile waqina, ngokuba ubukhulu bakho bukhulile bufinyelele ezulwini nokubusa kwakho kuze kube sekugcineni komhlaba.


Kwathi lapho inceku yakho isasebenza ngalapha nangalapha, kanti wayesehambile.” Yayisithi kuye inkosi yakwa-Israyeli: “Kunjalo ukwahlulelwa kwakho; nguwe onqumile.”


UJeremiya umprofethi wayesekhuluma onke lawo mazwi kuSedekiya inkosi yakwaJuda eJerusalema,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite