Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 12:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 UDavide wamncenga uNkulunkulu ngomntwana; uDavide wazila ukudla, wangena, walala emhlabathini ubusuku bonke.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 UDavide wamncenga uNkulunkulu ukuba asindise umntwana. UDavide wazila ukudla, wangena, walala emhlabathini ubusuku bonke.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 UDavide wamncenga uNkulunkulu ngomntwana; uDavide wazila ukudla, wangena, walala phansi ubusuku bonke.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 12:16
17 Referans Kwoze  

Inkosi yayisisuka, yaklebhula izingubo zayo, yalala emhlabathini, nazo zonke izinceku zema lapho, izingubo zazo ziklebhukile.


Izinsuku zaba ntathu engaboni, engadli, engaphuzi.


Ngubani owaziyo uma uNkulunkulu engayikubuya, azisole, abuye ekufutheni kwentukuthelo yakhe, size singabhubhi, na?”


Ngalolo suku iNkosi uJehova Sebawoti yabizela ukukhala, nokulila, nobumpandla, nokubhinca indwangu yamasaka,


Ngakhala, umphefumulo wami wazila; kwaba ngukudunyazwa kwami.


ngibize ngosuku lwenhlupheko; ngiyakukukhulula, wena uyakungidumisa.”


“Hambani nibuthe bonke abaJuda abakhona eShushani, ningizilele ukudla, ningadli, ningaphuzi izinsuku ezintathu ubusuku nemini; nami nezintombi zami siyakuzila kanjalo, ngingene enkosini noma kungengamthetho; uma ngibhubha, mangibhubhe.”


Kwathi u-Ahabi esezwile lawo mazwi, waklebhula izingubo zakhe, wembatha indwangu yamasaka emzimbeni wakhe, wazila ukudla, walala endwangwini yamasaka, wahambahamba kancane.


Wathi-ke yena: “Umntwana esekhona ngazila ukudla, ngakhala, ngokuba ngathi: Ngubani owaziyo ingabe uJehova uyakuba nomusa kimi ukuba umntwana aphile na?


Jehova, besekuhluphekeni bakuhambela, bazethula ngemikhuleko lapho belaywa nguwe.


UNathani wayesebuyela endlini yakhe. UJehova washaya ngesifo umntwana owazalelwa uDavide kumka-Uriya, wagula kakhulu.


Kwathi lapho ngizwa lawo mazwi, ngahlala phansi, ngakhala izinyembezi, ngalila izinsuku ezithile, ngazila ukudla, ngakhuleka phambi kukaNkulunkulu wezulu,


Inkosi yase iya endlini yayo yobukhosi, yadlulisa ubusuku izila; izinkenezo zokubethwa azilethwanga kuyo, nobuthongo bayibalekela.


UJoshuwa waziklebhula izingubo zakhe, wawa ngobuso emhlabathini phambi komphongolo kaJehova kwaze kwahlwa, yena namalunga akwa-Israyeli; bathela uthuli emakhanda abo.


Ngase ngibhekisa ubuso bami kuyo iNkosi uNkulunkulu ukuba ngikhuleke, nginxuse ngokuzila ukudla, nangendwangu yamasaka, nangomlotha.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite