Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 12:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Nokho, ngokuba ngaleso senzo waveza ithuba elikhulu lokuba izitha zikaJehova zihlambalaze, umntwana omzalelweyo uyakufa nokufa.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 Noma kunjalo-ke, ngenxa yaleso senzo wenze ukuba izitha zikaSimakade zimhlambalaze, ngakho umntwana ozozalwa uzokufa.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Kodwa ngenxa yalesi senzo unikeze izitha zikaJehova isizathu esikhulu sokuhlambalaza, nomntwana omzalelwayo uyakufa nokufa.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 12:14
16 Referans Kwoze  

Ngokuba igama likaNkulunkulu liyahlanjalazwa phakathi kwabezizwe ngenxa yenu, njengalokho kulotshiwe.


“Manje nginantoni lapha,” usho uJehova, “lapho abantu bami besusiwe ngeze na? Ababusa phezu kwabo bayaklabalasa,” usho uJehova, “negama lami liyahlanjalazwa njalo usuku lonke.


“Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibalaye; ngakho-ke shisekela uphenduke.


ngokuba iNkosi iyamlaya emthandayo ishaye yileyo naleyo ndodana eyamukelayo.”


Jehova, ubusisiwe lowo muntu omyalayo, omfundisayo ngomthetho wakho,


Kepha nxa sahlulelwa, siyalaywa yiNkosi, ukuze singalahlwa kanye nezwe.


“Maye kulo izwe ngenxa yezikhubekiso! Ngokuba izikhubekiso zimelwe ukufika, kepha maye kumuntu esiza ngaye isikhubekiso!


“Nginazile nina kuphela emindenini yonke yomhlaba; ngalokho ngiyakunihambela ngabo bonke ububi benu.”


Nkulunkulu, koze kube nini umcindezeli ethuka, isitha sihlambalaza igama lakho njalo, na?


Ngathi futhi: “Akukuhle enikwenzayo; beningehambe yini ngokwesaba uNkulunkulu wethu ngenxa yokuthukwa kwethu ngabezizwe, izitha zethu, na?


UNathani wayesebuyela endlini yakhe. UJehova washaya ngesifo umntwana owazalelwa uDavide kumka-Uriya, wagula kakhulu.


Mabangajabhiswa ngami abakulindeleyo, Nkosi Jehova Sebawoti; mabangahlazeki ngami abakufunayo, Nkulunkulu ka-Israyeli.


Jehova Nkulunkulu wethu, wena ubaphendulile, waba kubo uNkulunkulu othethelelayo nophindiselayo ngezenzo zabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite