Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 10:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Abantwana bakwa-Amoni baphuma, bahlela impi ngasesikhaleni sesango; ama-Aramu aseSoba naseRehobe, nabantu baseThobi, nabaseMahakha babebodwa endle.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Abakwa-Amoni baphuma, bahlela impi esikhaleni sesango; ama-Aramu aseZobha naseRehobhe, namadoda aseThobhi, nawaseMahakha babebodwa endle.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Abantwana bakwa-Amoni baphuma, bahlela impi ekungeneni kwesango; ama-Aramu aseSoba, naseRehobe, naseJistobi, naseMahaga ayeyedwa endle.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 10:8
13 Referans Kwoze  

Abantwana bakwa-Amoni sebebone ukuthi banengekile kuDavide, abakwa-Amoni bathuma baqasha ama-Aramu aseBeti Rehobe nama-Aramu aseSoba, imigundatshani eyizinkulungwane ezingamashumi amabili, nenkosi yaseMahakha inabantu abayinkulungwane, nabantu baseThobi beyizinkulungwane eziyishumi nambili.


Base beziqashela izinqola eziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nambili kanye nenkosi yaseMahakha nabantu bayo abeza ukumisa ngaphambi kweMedeba. Abantwana bakwa-Amoni babuthana ndawonye bephuma emizini yabo; baya ukulwa.


U-Asheri akaxoshanga abakhe e-Ako, nabakhe eSidoni, nase-Ahlabi, nase-Akizibi, naseHelba, nase-Afiki, naseRehobe;


ne-Ebironi, neRehobi, neHamoni, neKhana, neSidoni Elikhulu;


Base behamba-ke, bahlola izwe kusukela ehlane laseSini kuze kube seRehobe ekuyeni ngaseHamati.


UJefta wabalekela abafowabo, wahlala ezweni laseThobi; kwabuthana kuJefta amayiyane, aphuma naye.


Bathi abantwana bakwa-Amoni belwa no-Israyeli, amalunga akwaGileyadi aya amlanda uJefta ezweni laseThobi.


UDavide esezwile lokho wamthuma uJowabe nempi yonke yamaqhawe.


Kepha uJowabe esebona ukuthi izimpondo zempi zimhaqile ngaphambili nangasemuva wakhetha kwabakhethekileyo bakwa-Israyeli, wabahlela ukuba balwe nama-Aramu;


no-Elifeleti indodana ka-Ahashibayi indodana yomMahakha, no-Eliyamu indodana ka-Ahithofeli waseGilo,


Lapho uDavide ebabulala, wazibuthela abantu, waba yinduna yeviyo; baya eDamaseku, bahlala khona, babusa eDamaseku.


Abantwana bakwa-Amoni baphuma, bahlela impi ngasesangweni lomuzi; kepha amakhosi ayefikile ayewodwa endle.


zaya kuGedaliya eMispa: u-Ishmayeli indodana kaNethaniya, noJohanani noJonathani amadodana kaKhareya, noSeraya indodana kaThanihumeti, namadodana ka-Efayi waseNethofa, noJahazaniya indodana yomMahakha, bona nabantu babo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite