Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 10:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Ama-Aramu abaleka phambi kuka-Israyeli; uDavide wabulala kuma-Aramu izinqola ezingamakhulu ayisikhombisa nabamahhashi abayizinkulungwane ezingamashumi amane, wamshaya uShobaki induna yempi yabo, wafela khona lapho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

18 Ama-Aramu abaleka phambi kukaDavide, wabulala ama-Aramu angama-700 ayegibele izinqola zempi, nabamahhashi abayizi-40 000. UShobhakhi, umkhuzi wempi yawo, bamshaya, wafela khona lapho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Ama-Aramu abaleka phambi kuka-Israyeli; uDavide wabulala kuma-Aramu izinqola ezingamakhulu ayisikhombisa nabamahhashi abayizinkulungwane ezingamashumi amane, wabulala noSobagi induna yempi, wafela khona.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 10:18
10 Referans Kwoze  

Ama-Aramu abaleka phambi kuka-Israyeli; uDavide wabulala kuma-Aramu izinqola eziyizinkulungwane eziyisikhombisa nemigundatshani eyizinkulungwane ezingamashumi amane, wabulala noShofaki induna yempi.


UJehova Sebawoti unathi; uNkulunkulu kaJakobe uyinqaba yethu. Sela*


Ngaziphahlaza, zaze zahluleka ukuvuka; zawa phansi kwezinyawo zami.


UDavide wamaphuca abamahhashi abayinkulungwane namakhulu ayisikhombisa nemigundatshani eyizinkulungwane ezingamashumi amabili; uDavide wanquma imisipha yawo onke amahhashi ezinqola, washiya awezinqola eziyikhulu kodwa.


Wafaka isandla sakhe esikhonkwaneni, esokunene sakhe esandweni sezisebenzi; ngesando wamshaya uSisera, wadebeza ikhanda lakhe, yebo, wamgqobhoza, wambhoboza esikhaleni sendlebe.


Bheka, uBaraki esamxosha uSisera, uJayeli waphuma ukumhlangabeza, wathi kuye: “Woza, ngikubonise omfunayo.” Waya kuye; bheka, uSisera wayelele efile, isikhonkwane sisesikhaleni sendlebe yakhe.


UJehova wathengisa ngabo esandleni sikaJabini inkosi yaseKhanani, owabusa eHasori, onduna yempi yakhe yayinguSisera owahlala eHarosheti labezizwe.


UDavide watshelwa, wabutha wonke u-Israyeli, wawela iJordani, wafika eHelamu. Ama-Aramu azihlela ukuhlangabezana noDavide, alwa naye.


Lapho uDavide ebabulala, wazibuthela abantu, waba yinduna yeviyo; baya eDamaseku, bahlala khona, babusa eDamaseku.


Bamukiswa njengokumukiswa komusi; njengokuncibilika kwengcina phambi komlilo ababi bachithwa phambi kukaNkulunkulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite