Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 1:24 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 “Nina madodakazi akwa-Israyeli, mkhaleleni uSawule owanigqokisa kamnandi ngokubomvu, owavunulisa izambatho zenu ngezivunulo zegolide.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

24 “Nina madodakazi akwa-Israyeli, mkhaleleni uSawule owanigqokisa ngokubomvu, wahlobisa izembatho zenu ngemihlobiso yegolide.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Madodakazi akwa-Israyeli, mkhaleleni uSawule, owanigqokisa okubomvu nezinye izibiliboco, owafaka imihlobiso yegolide engutsheni yenu.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 1:24
10 Referans Kwoze  

Intombi ingakhohlwa yini izivunulo zayo, nomakoti ixhama lakhe, na? Nokho abantu bami bangikhohliwe izinsuku ezingenakubalwa.


‘Angithi batholile babelana impango? Intombi, yebo, izintombi ezimbili endodeni ngayinye; kuSisera impango yezingubo ezinemibala, impango yezingubo ezinemibala ezifekethisiweyo; izingubo ezimbili ezinemibala ezifekethisiweyo zezintamo zaba yimpango.’


Akesatshiswa ngabendlu yakhe ngungqoqwane; ngokuba bonke abendlu yakhe bembathiswa okubomvu.


Amakhosi ezimpi ayabaleka; ayabaleka wona; isifazane esihlezi ekhaya sabela impango.


“OSawule noJonathani babethandeka, bemnandi; ekuphileni nasekufeni kwabo kabahlukaniswanga; babenejubane kunezinkozi, babenamandla kunezingonyama.


“Yeka ukuwa kwamaqhawe phakathi kokulwa! UJonathani ubulewe ezindaweni zakho eziphakemeyo.


Njengecici legolide nesivunulo segolide elicwengekileyo, unjalo umsoli ohlakaniphileyo endlebeni elalelayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite