Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 1:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 “OSawule noJonathani babethandeka, bemnandi; ekuphileni nasekufeni kwabo kabahlukaniswanga; babenejubane kunezinkozi, babenamandla kunezingonyama.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

23 “USawule noJonathani babethandeka, beyigugu; ekuphileni nasekufeni kwabo kabehlukaniswanga; babenejubane kunezinkozi, benamandla kunezingonyama.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 OSawule noJonathani babebahle, bethandeka ekuphileni kwabo, nasekufeni kwabo abahlukananga; babenejubane kunezinkozi, babenamandla kunezingonyama.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 1:23
14 Referans Kwoze  

Bhekani, uyakhuphuka njengamafu, izinqola zakhe zinjengesivunguvungu, amahhashi akhe anejubane kunezinkozi. Maye kithina, ngokuba sichithiwe!


Abantu bomuzi bathi kuye ngosuku lwesikhombisa, lingakashoni ilanga: “Kuyini okumnandi kunezinyosi? Kuyini okunamandla kunengonyama na?” Wathi kubo: “Uma beningalimanga ngesithokazi sami, ngabe ningayiqandelanga imfumbe yami.”


Abasixoshayo babenejubane kunezinkozi zezulu; basizingela ezintabeni, basiqamekela ehlane.


ingonyama, iqhawe ezilwaneni; ayihlehli nakusiphi;


Itshuza njengomkhunjana womhlanga, njengokhozi olutheleka empangweni.


Kwathi eseqedile ukukhuluma kuSawule, inhliziyo kaJonathani yanamathela enhliziyweni kaDavide, uJonathani wamthanda njengenhliziyo yakhe.


“UJehova uyakukuthumela isizwe esivela kude ekugcineni komhlaba njengokundiza kokhozi, isizwe ongayikuqonda ulimi lwaso,


KwabakwaGadi abanye bazahlukanisa baya kuDavide enqabeni ehlane, amaqhawe anamandla, abantu abazilungiselele ukulwa, abakwazi ukuphatha isihlangu nomkhonto, ababuso babo bafana nobuso bezingonyama, abanejubane njengezinsephe ezintabeni:


UBenaya indodana kaJehoyada, indodana yendoda enamandla, owayenze imisebenzi emikhulu, owaseKabiseyeli, wabulala amaqhawe amabili akwaMowabi; futhi wehla, wabulala ingonyama phakathi komgodi ngosuku lweqhwa,


Wathi kuye: “Makube kude lokho; awuyikufa; bheka, ubaba akenzi lutho olukhulu noma oluncane engakwambuleli kimi; pho, ubaba ubeyakungifihlela le nto na? Akuyikuba njalo.”


Amadodana amathathu kaSeruya ayelapho, oJowabe, no-Abishayi, no-Asaheli; u-Asaheli wayenezinyawo ezilula njengensephe.


“Nina madodakazi akwa-Israyeli, mkhaleleni uSawule owanigqokisa kamnandi ngokubomvu, owavunulisa izambatho zenu ngezivunulo zegolide.


Umlomo wakhe umnandi, uyanxaneleka wonke; yilowo ongothandiweyo wami, yilowo ongumngane wami, nina madodakazi aseJerusalema.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite