Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 kuThimothewu 4:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngokuba kuyakuba khona isikhathi abangayikuvuma ngaso isifundiso esiphilayo, kepha ngokwezinkanuko zabo bayakuzibuthela abafundisi njengokubatshwa kwezindlebe zabo,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Ngokuba kuyakufika isikhathi abangayukuyamukela ngaso imfundiso elungileyo, kodwa bayakuzibuthela abafundisi ngokwezinkanuko zabo nangokubatshwa kwezindlebe zabo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Ngokuba siyeza isikhathi abangayikuvuma ngaso isifundiso esiphilileyo; kodwa ngokwezinkanuko zabo bayakuzibuthela abafundisi, beluma izindlebe;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngokuba siyeza isikhathi abangayikuvuma ngaso isifundiso esiphilileyo; kodwa ngokwezinkanuko zabo bayakuzibuthela abafundisi, beluma izindlebe;

Gade chapit la Kopi




2 kuThimothewu 4:3
33 Referans Kwoze  

nezifebe, nabesilisa abalalanayo, nabathumbabantu, nabaqambimanga, nabafungela amanga, noma kungakhona okunye okuphambene nesifundiso esiphilileyo,


Konje sengaba yisitha kini ngokunishumayeza iqiniso na?


Abaprofethi baprofetha amanga, abapristi babusa eceleni kwabo; abantu bami bayakuthanda kanjalo, kepha niyakwenze njani ekupheleni na?


Maye kinina, nxa abantu bonke bekhuluma kahle ngani, ngokuba oyise babo benze njalo kubaprofethi bamanga!


Uma bekuhambahamba umuntu okhuluma umoya nje namanga, athi: ‘Ngiyakuprofetha kuwe ngewayini nangophuzo olunamandla,’ ubeyakuba ngumprofethi walaba bantu.


Kepha mina, ngokuba ngikhuluma iqiniso, anikholwa yimi.


Wayesethi u-Eliya kubantu: “Yimi ngedwa oseleyo engumprofethi kaJehova, kepha abaprofethi bakaBali bangabantu abangamakhulu amane namashumi ayisihlanu.


Nami, bazalwane, ekufikeni kwami kini angifikanga ngobungcweti bokukhuluma nobokuhlakanipha, ngimemezele kini ubufakazi bukaNkulunkulu.


Ngokuba bonke abase-Athene nabafokazi abakhe khona babengazilibazisi ngokunye, kuphela ngokukhuluma nokuzwa izindaba ezintsha.


Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Maningakhohliswa ngabaprofethi abaphakathi kwenu nababhuli benu, ningawalaleli amaphupho enu eniwaphuphayo.


akade esho kubo ukuthi: “Lokhu kungukuphumula; phumuzani abayethileyo; lokhu kungukuhlunyelelwa,” kepha abathandanga ukuzwa.


Kepha nina ningabalaleli abaprofethi benu, nababhuli benu, namaphupho enu, nabahlola imihlola phakathi kwenu, nabalumbi benu abakhuluma kini, bethi: ‘Aniyikuyikhonza inkosi yaseBabele,’


Base bethi: “Wozani simcebele uJeremiya amacebo, ngokuba umthetho awuyikuphela kumpristi, nesu kohlakaniphileyo, nezwi kumprofethi, sihambe simshaye ngolimi, singaqapheli nelilodwa lamazwi akhe.”


nokukhuluma kwami nokushumayela kwami akubanga ngamazwi okuhlakanipha ahungayo, kepha kwaba ngesibonakaliso sikaMoya nesamandla,


Ababhali nabapristi bafuna ukumbamba khona lapho, kepha besaba abantu, ngokuba bazi ukuthi uwukhulumile lo mfanekiso ngabo.


Yayisithi inkosi yakwa-Israyeli kuJehoshafati: “Angishongo yini kuwe ukuthi akayikuprofetha okuhle ngami, okubi kuphela.”


Inkosi yakwa-Israyeli yathi kuJehoshafati: “Kusekhona umuntu munye, uMikhaya, indodana kaJimila, esingabuza ngaye kuJehova, kodwa ngiyamzonda, ngokuba akaprofethi okuhle ngami kepha okubi.” Wathi uJehoshafati: “Inkosi mayingasho njalo.”


UJehova wayesethi kuMose: “Owonile kimi ngiyakumesula encwadini yami.


abathi kubaboni: “Ningabe nisabona,” nakubaprofethi: “Ningasiprofetheli okuqinisileyo, kepha khulumani kithina okuthophayo, niprofethe inkohliso;


Isibonelo samazwi aphilayo masibe yilawo owawezwa kimi ngokukholwa nangothando olukuKristu Jesu;


abasho ukuthi ngesikhathi sokugcina kuyakuba khona abahleka usulu, behamba ngezinkanuko zabo zokungamesabi uNkulunkulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite