Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 kuThimothewu 4:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Ekuziphenduleleni kwami kokuqala kwakungekho muntu ongimelayo, kepha bonke bangishiya; makungabalelwa kubo lokho;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Ekuziphenduleleni kwami kokuqala, kwakungekho noyedwa owayengakimi, kodwa bonke bangihlamuka; sengathi lokho kungebalelwe kubo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

16 Ekuziphenduleleni kwami kokuqala akukho muntu owama nami, kepha bonke bangishiya;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ekuziphenduleleni kwami kokuqala akukho muntu owama nami, kepha bonke bangishiya;

Gade chapit la Kopi




2 kuThimothewu 4:16
16 Referans Kwoze  

Wayeseguqa phansi, wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Nkosi, ungababaleli lesi sono.” Eseshilo lokho walala ubuthongo.


Bhekani, isikhathi siyeza, yebo, sesifikile sokuba nihlakazeke, yilowo nalowo aye kokwakhe, ningishiye ngingedwa; nokho angingedwa, lokhu uBaba unami.


Bamshiya bonke, babaleka.


kepha mngcweliseni uKristu abe yiNkosi ezinhliziyweni zenu, nihlale ningabalungele ukubaphendula bonke abanibuza isizathu sethemba elikini,


Ngokuba uDema wangishiya ethanda leli zwe lamanje, waya eThesalonika; uKreste waya eGalathiya, uThithu eDalmathiya;


Uyazi lokhu ukuthi bonke abase-Asiya bangifulathele, abaphakathi kwabo ngoFigelu noHermogene.


kepha labo bamemezela uKristu ngombango kungenganhliziyo emhlophe, bethi bazakungivusela ukukhathazeka ekuboshweni kwami.


njengalokhu kufanele ukuba ngibe nomqondo onjalo ngani nonke, njengokuba nginithwele enhliziyweni yami, lokhu ekuboshweni kwami nasekulivikeleni nasekuliqiniseni ivangeli nina nonke nihlanganyele nami emseni.


Ngokuba bhekani, khona lokho kudabukiswa kwenu ngokukaNkulunkulu kwaveza kini ukukhuthala okungaka, yebo, nokuziphendulela, nokuthukuthela, nokwesaba, nokulangazela, nokushiseka, nokuphindisela. Kukho konke nazibonakalisa ukuthi nimhlophe kule ndaba.


Lokhu kungukuziphendulela kwami kwabangisolayo.


ngabaphendula ngathi akusiwo umkhuba wamaRoma ukumnikela umuntu omangalelwayo engakamiswa phambi kwabammangalelayo, athole ithuba lokuziphendulela ngecala amangalelwe ngalo.


“Madoda, bazalwane, nani bobaba, yizwani ukuziphendulela kwami phambi kwenu kalokhu.”


“Kepha nxa beniqhubela emasinagogeni,* nakubabusi, nakuzo iziphathimandla, ningakhathazeki ngokuthi niyakuziphendulela kanjani nangokuthini, nokuba niyakukhulumani,


aluziphathi ngokungafanele, aluzifuneli okwalo, alucunuki, alunagqubu;


umxwaye nawe, ngokuba wamelana kakhulu namazwi ethu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite