Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 kuThimothewu 3:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 ngokuba abantu bazakuba ngabazithandayo, nabathandimali, nabazigabisayo, nabazidlayo, nabahlambalazayo, nabangalaleli abazali, nabangabongiyo, nabahlazisayo,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Ngokuba abantu bayakuba ngabazithandayo, abathandimali, abazigabisayo, abazidlayo, abahlambalazayo, abangabalaleli abazali, abangabongiyo, abahlazisayo,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

2 Ngokuba abantu bayakuba ngabazithandayo, abahahayo, nabazidlayo, nabazidlayo, nabathukayo, nabangalaleli abazali, nabangabongiyo, nabangangcwele;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ngokuba abantu bayakuba ngabazithandayo, abahahayo, nabazidlayo, nabazidlayo, nabathukayo, nabangalaleli abazali, nabangabongiyo, nabangangcwele;

Gade chapit la Kopi




2 kuThimothewu 3:2
43 Referans Kwoze  

ngokuba bonke bafuna okwabo, abafuni okukaJesu Kristu.


Ngokuba omubi uyazigabisa ngokufisa komphefumulo wakhe, nohulazayo uyamvalelisa, amdelele uJehova.


Yilabo abakhononayo nabasolayo, behamba ngezinkanuko zabo, umlomo wabo ukhuluma uwangala, betusa ubuso ngenxa yenzuzo.


nabakhapheli, nabanamawala, nabakhukhumele, nabathanda injabulo kunokuthanda uNkulunkulu,


Ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yakho konke okubi; abanye ngokuyifisa badukelwa ukukholwa, bazigwaza ngeminjunju eminingi.


Ngokuba bekhuluma udwadwa, amazwi ayize, babayenga ngezinkanuko zenyama nangamanyala labo abasaphephayo abahamba ngokuduka;


Kodwa unika umusa ngokwenezela; ngakho uthi: “UNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.”


Ngakho-ke bulalani amalungu enu asemhlabeni, ubufebe, nokungcola, nokuhuheka, nokukhanuka, nesangabe, okungukukhonza izithombe,


Ngokunjalo, nina basha, thobelani amalunga; kepha nonke yembathani ukuthobeka, nithobelane, ngokuba uNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.


ukhukhumele lowo engaqondi lutho, kumphethe ukubuzana nokuphikisana ngamazwi okuvela kukho umhawu, nombango, nokuhlambalaza, nokuzindla okubi,


Wayesethi kubo: “Bhekani, nixwaye ukuhaha konke, ngokuba ukuphila komuntu akumi ngobuningi bempahla yakhe.”


“Inkosi iyakwenza njengentando yayo, iziphakamise, izikhulise phezu kwabo bonke onkulunkulu, ikhulume okumangalisayo ngoNkulunkulu wawonkulunkulu, ibe nenhlanhla luze luphelele ulaka, ngokuba okumisiweyo kuyakwenziwa.


futhi bahlambalaza uNkulunkulu wezulu ngenxa yobuhlungu babo nangenxa yezilonda zabo; kepha abaphendukanga emisebenzini yabo.


Kepha laba behlambalaza, benjengezidalwa ezingenangqondo, ngemvelo zizalelwe ukubanjwa nokubhujiswa, nabo bazakubhujiswa ekubhujisweni kwazo, behlambalaza abangakwaziyo,


nangokufisa bayakuthengiselana ngani ngamazwi obuqili, abakulahlwa kwabo kwamandulo akulibali nokubhujiswa kwabo akozeli.


Kepha manje niyazibonga ngokuzigabisa kwenu; konke ukuzigabisa okunjalo kubi.


omelana nakho konke, nozikhukhumeza phezu kwakho konke okuthiwa uNkulunkulu noma into ekhonzwayo, aze azihlalise ethempelini likaNkulunkulu ezishaya uNkulunkulu.


ungazigabisi phezu kwamagatsha; kepha uma uzigabisa, akusuwe othwele impande, kepha yimpande ethwele wena.


Iyakukhuluma amazwi ngoPhezukonke, ikhathaze abangcwele boPhezukonke; iyakuhlosa ukuguqula izikhathi nomthetho; bayakukhashelwa esandleni sayo kuze kube yisikhathi nezikhathi nenxenye yesikhathi.


Isichotho esikhulu esisinda njengetalenta* sivela ezulwini sehlela phezu kwabantu; abantu bamhlambalaza uNkulunkulu ngenxa yohlupho lwesichotho, ngokuba uhlupho lwaso lulukhulu kakhulu.


Kepha uma nigcina umthetho wobukhosi ngokombhalo wokuthi: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena,” nenza kahle;


ongesilo ixhwele lewayini, ongesiso isilwi, kepha omnene, ongaxabaniyo, onganxaneli imali,


abakubona oHimenewu no-Aleksandru engibanikele kuSathane, ukuze balaywe ukuba bangahlambalazi.


Ngokuba ngaphambi kwalezi zinsuku kwasuka uThewuda ezishaya omkhulu; kwanamathela kuye amadoda angathi amakhulu amane; wabulawa yena nabo bonke abamlalelayo, bachitheka, baphela.


AbaFarisi ababethanda imali bakuzwa konke lokho, bamklolodela.


Abantu bashiswa ngokushiswa okukhulu, kepha bahlambalaza igama likaNkulunkulu onamandla phezu kwalezi zinhlupho, kodwa abaphendukanga ukuba bamdumise.


Ngase ngibona isilo sikhuphuka elwandle, sinezimpondo eziyishumi namakhanda ayisikhombisa, nasezimpondweni zaso kukhona imiqhele eyishumi nasemakhanda aso kukhona amagama enhlamba.


wafela bonke, ukuze abaphilayo bangabe besaziphilela bona, kodwa baphilele yena owabafelayo, wabuye wavuka.


akayikwazisa uyise noma unina; kanjalo nilenze laba yize izwi likaNkulunkulu ngesiko lenu.


Izembe liyakuzikhukhumeza kuye ogawula ngalo na? Isaha liyakuzikhulisa kuye oliqhubayo, njengokungathi induku izamazamisa abayiphakamisayo, nodondolo luphakamisa ongesiwo umuthi, na?


amehlo azidlayo, nolimi lwamanga, nezandla ezichitha igazi elingenacala,


labo abathemba imfuyo yabo bezigabisa ngomcebo wabo omkhulu, na?


Uzigabiselani ngokubi wena siqhwaga na? Umusa kaNkulunkulu umi njalo.


Kepha thandani izitha zenu, nenze okuhle, nitsheleke, ningadikibali; nomvuzo wenu uyakuba mkhulu, nibe ngabantwana boPhezukonke, ngokuba umnene yena kwabangabongiyo nababi.


ekwazi lokhu ukuthi umthetho awumiselwe olungileyo, umiselwe abangenamthetho namahlongandlebe, abangamesabi uNkulunkulu nabayizoni abahlazisayo nabadumazayo, nababulali bawonina, nababulala abantu,


ikakhulu labo abahamba ngokwenyama enkanukweni yokuzingcolisa, bedelela ubukhosi; bengamaphikankani nabaziqhenyayo abesabi nokuhlambalaza abenkazimulo,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite