Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 kuThimothewu 3:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kepha yazi lokhu ukuthi ezinsukwini zokugcina kuzakuvela izikhathi ezinzima;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Kepha yazi lokhu, ukuthi ngezinsuku zokugcina kuyakufika izikhathi ezinzima.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Yazi futhi lokhu ukuthi ezinsukwini zokugcina kuzakuvela izikhathi ezinzima.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Yazi futhi lokhu ukuthi ezinsukwini zokugcina kuzakuvela izikhathi ezinzima.

Gade chapit la Kopi




2 kuThimothewu 3:1
23 Referans Kwoze  

nazi kuqala lokhu ukuthi ngezinsuku zokugcina kuyakufika abahleki abahleka usulu, behamba ngezinkanuko zabo,


Ngokuba kuyakuba khona isikhathi abangayikuvuma ngaso isifundiso esiphilayo, kepha ngokwezinkanuko zabo bayakuzibuthela abafundisi njengokubatshwa kwezindlebe zabo,


Bantwanyana, sekuyisikhathi sokugcina, njengalokho nezwa ukuthi umphikukristu uyeza, nakalokhu sekukhona abaphikukristu abaningi; ngalokho siyazi ukuthi sekuyisikhathi sokugcina.


Kepha nina bathandekayo, khumbulani amazwi akhulunywe phambili ngabaphostoli beNkosi yethu uJesu Kristu


Kepha kuyakuthi ngezinsuku ezizayo intaba yendlu kaJehova iqiniswe esiqongweni sezintaba, iphakame kunamagquma, nabantu bayakugobhozela khona.


Kuyakuthi ngezinsuku ezizayo intaba yendlu kaJehova iqiniswe esiqongweni sezintaba, iphakame kunamagquma, nezizwe zonke ziyakugobhozela khona.


“Kusukela esikhathini sokususwa komnikelo oshiswa imihla yonke nokumiswa kwesinengiso esichithayo kuyakuba yizinsuku eziyinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisishiyagalolunye.


“Kepha kuyakuthi ezinsukwini zokugcina ngibuyise ukuthunjwa kwe-Elamu,” usho uJehova.


ukhuphukele ukulwa nabantu bami u-Israyeli njengefu lokusibekela izwe; kuyakuthi ngezinsuku ezizayo ngikuyise kubantu bami ukuze izizwe zingazi, lapho ngizingcwelisa ngawe Gogi emehlweni azo.


Ngezwa umuntu owembethe ilineni, owayephezu kwamanzi omfula; waphakamisela isandla sakhe sokunene nesandla sakhe sokhohlo ezulwini, wamfunga ophila kuze kube phakade ukuthi kuyakuba ngokwesikhathi, nezikhathi, nenxenye, nalapho sebeqedile ukuphohloza amandla abantu abangcwele, zonke lezo zinto ziyakuqedwa.


“Inkosi iyakwenza njengentando yayo, iziphakamise, izikhulise phezu kwabo bonke onkulunkulu, ikhulume okumangalisayo ngoNkulunkulu wawonkulunkulu, ibe nenhlanhla luze luphelele ulaka, ngokuba okumisiweyo kuyakwenziwa.


Sengifikile ukuba ngikuqondise okuyakwehlela abantu bakho ngezinsuku ezizayo, ngokuba umbono usenezinsuku.”


Ngasemuva abantwana bakwa-Israyeli bayakubuya, bamfune uJehova uNkulunkulu wabo noDavide inkosi yabo, babuyele kuJehova benovalo nakukho okuhle kwakhe ngezinsuku ezizayo.


“Ngabuka izimpondo; bheka, kwavela phakathi kwazo olunye uphondo, oluncane, okungaphambi kwalo ezintathu zezimpondo zokuqala zasimbulwa; futhi bheka, kulolo phondo kwakukhona amehlo anjengamehlo omuntu, nomlomo okhuluma izinto ezinkulu.


Kepha ngiyakubuyisa ukuthunjwa kukaMowabi ngezinsuku ezizayo,” usho uJehova. Kuphela lapha ukwahlulelwa kukaMowabi.


UJakobe wabiza amadodana akhe, wathi: “Buthanani, nginitshele okuzakunehlela ezinsukwini ezizayo.


abasho ukuthi ngesikhathi sokugcina kuyakuba khona abahleka usulu, behamba ngezinkanuko zabo zokungamesabi uNkulunkulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite