Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 kaPetru 2:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ngokuba uma uNkulunkulu engayekanga izingelosi ezonileyo, kodwa wazinikela ukuba ziphonswe esihogweni, emigodini yobumnyama, ukuba zigcinelwe ukwahlulelwa,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Uma ngempela uNkulunkulu engazange aziyeke izingelosi ezona, kodwa wazilahla kwalasha, emigodini yesigayegaye sobumnyama, ziboshwe ngamaketango, ukuze zigcinwe lapho futhi zilethwe ekwehlulelweni,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 Ngokuba uma uNkulunkulu engaziyekanga izingelosi ezonayo, kepha waziphonsa esihogweni, wazinikela emaketangeni obumnyama, zigcinelwe ukwahlulelwa;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngokuba uma uNkulunkulu engaziyekanga izingelosi ezonayo, kepha waziphonsa esihogweni, wazinikela emaketangeni obumnyama, zigcinelwe ukwahlulelwa;

Gade chapit la Kopi




2 kaPetru 2:4
25 Referans Kwoze  

nezingelosi ezingagcinanga ubukhosi bazo, kodwa zalishiya ikhaya lazo, izigcinele ukulahlwa kosuku olukhulu ngezibopho ezimiyo phansi kobumnyama,


“Khona iyakuthi kwabangakwesokhohlo: ‘Dedani kimi nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe.


Yena ongayigodlanga eyakhe iNdodana, kepha wayinikela ngenxa yethu sonke, kungaba kanjani ukuba angasiphi konke kanye nayo na?


“Yeka ukuwa kwakho ezulwini, khwezi elikhanyayo, ndodana yokusa, nokunqunyelwa kwakho phansi, wena owawuthobisa izizwe.


noSathane owazidukisayo waphonswa echibini lomlilo nesibabule, lapho kukhona isilo nomprofethi wamanga; ziyakuhlushwa imini nobusuku kuze kube phakade naphakade.


Iso lami aliyikukuhawukela, ngingabi nabubele; ngiyakwehlisela izindlela zakho phezu kwakho, izinengiso zakho zibe phakathi kwakho; niyakwazi ukuthi nginguJehova.


Wathi kubo: “Ngabona uSathane ewa ezulwini njengonyazi.


Ngalokho, kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, ngokuba uyingcolisile indlu yami engcwele ngakho konke okuzondekayo kwakho nangazo zonke izinengiso zakho, ngalokho ngiyakukunciphisa impela, iso lami lingahawukeli, ngingabi nabubele.


Bheka, nasezincekwini zakhe akethembi, nezingelosi zakhe uyazibeka icala;


owenza isono ungokaSathane, ngokuba uSathane uyona kwasekuqaleni. INdodana kaNkulunkulu yabonakaliswa ngalokhu, ukuze ichithe imisebenzi kaSathane.


kanti izingelosi, nokuba zizinkulu ngobuqhwaga namandla, azibamangaleli ngenhlamba phambi kweNkosi.


nezwe lamandulo engaliyekanga, kodwa wamlondoloza uNowa, umshumayeli wokulunga, engowesishiyagalombili, mhla eletha uzamcolo ezweni elingamesabi uNkulunkulu;


Amncenga ukuba angawayali ukuya kwalasha.


Nina ningabakayihlo uSathane, nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo. Yena wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni, akemi eqinisweni, ngokuba iqiniso lingekho kuye. Nxa ekhuluma amanga, ukhuluma okungokwakhe, lokhu engumqambimanga noyise wawo.


wayesememeza ngezwi elikhulu, ethi: “Nginamsebenzi muni nawe Jesu, Ndodana kaNkulunkulu oPhezukonke? Ngikufungisa uNkulunkulu, ungangihluphi.”


Bheka, bamemeza bathi: “Sinamsebenzi muni nawe Ndodana kaNkulunkulu? Uze lapha ukusizwisa ubuhlungu, kungakabi yiso isikhathi, na?”


bangamaza adlangalalayo olwandle, ekhephuza amahlazo awo, izinkanyezi ezidukayo ezigcinelwe ubumnyama bobumnyama baphakade.


iNkosi iyakwazi ukuhlangulisa ekulingweni abamesabayo uNkulunkulu, kepha abangalungile iyabagcinela usuku lokwahlulelwa, bajeziswe,


Iso lami aliyikuhawukela, ngingabi nabubele, ngehlisele phezu kwakho njengezindlela zakho, izinengiso zakho zibe phakathi kwakho, nazi ukuthi mina Jehova ngiyashaya.


bokuthi omubi ugodlelwa usuku lokubhujiswa nokuthi bayamukiswa ngosuku lwentukuthelo, na?


uJehova angamthetheleli, kepha intukuthelo kaJehova nomhawu wakhe kumvuthele lowo muntu, kuze kuthi zonke iziqalekiso ezilotshwe kule ncwadi zibe phezu kwakhe, uJehova alesule igama lakhe phansi kwezulu.


ngokuba uma uNkulunkulu engayekanga amagatsha emvelo, nawe angeze akuyeka.


Walungisela intukuthelo yakhe indlela; akaphephisanga umphefumulo wabo ekufeni, kepha wanikela ukuphila kwabo ezifweni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite