Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 kaPetru 2:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Ngokuba ngabe kwaba ngcono kubo ukuba babengayazanga indlela yokulunga kunokuba kuthi sebayazile bafulathele umyalo ongcwele ababewunikeziwe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

21 Ngokuba kwakungcono kubo ukuthi kabazange bayazi indlela yokulunga kunokuba bathi sebeyazi baphenduke bafulathele umyalo ongcwele ababewunikiwe.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

21 Ngokuba ngabe kwaba ngcono kubo ukuba bebengayazanga indlela yokulunga kunokuba sebeyazi bafulathele umyalo ongcwele abawunikwayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Ngokuba ngabe kwaba ngcono kubo ukuba bebengayazanga indlela yokulunga kunokuba sebeyazi bafulathele umyalo ongcwele abawunikwayo.

Gade chapit la Kopi




2 kaPetru 2:21
24 Referans Kwoze  

“Kepha lapho olungileyo ephenduka ekulungeni kwakhe, enze okubi, enze zonke izinengiso azenzayo omubi, uyakuphila na? Izenzo zakhe ezilungileyo, nesisodwa asenzileyo asiyikukhunjulwa, afele ezeqweni eqe ngazo nasezonweni one ngazo.


Ngakho owaziyo ukwenza okuhle engakwenzi kuyisono kuye.


“Lapho olungileyo ephenduka ekulungeni kwakhe, enze okubi, ngibeke isikhubekiso phambi kwakhe, uyakufa. Uma ungamxwayisanga, uyakufela ezonweni zakhe, nezenzo zakhe ezilungileyo azenzileyo aziyikukhunjulwa, kepha igazi lakhe ngiyakulibiza esandleni sakho.


“Njalo-ke leyo nceku ebiyazi intando yenkosi yayo ingalungiselanga, ingenzanga ngokwentando yayo, iyakushaywa imivimbo eminingi;


Uma bengingafikile, ngakhuluma kubo, ngabe abanasono; kepha kalokhu kabanazaba ngesono sabo.


Ngokuba niyayazi imiyalo esaninika yona ngayo iNkosi uJesu.


Wathi kubo uJesu: “Ukuba beniyizimpumputhe, ngabe aninasono. Kepha manje nithi: ‘Siyabona;’ isono senu sihlezi.


nababuyile ekumlandeleni uJehova, nabangamfunanga uJehova bengabuzanga ngaye.


Ngokuba uJohane weza kini ngendlela yokulunga, anikholwanga nguye; kepha abathelisi nezifebe bakholwa nguye; kodwa nina, khona nikubona, aniguqukanga nakamuva, nize nikholwe nguye.”


Ubumpunga bungumqhele wodumo; bufumaniswa endleleni yokulunga.


Ngakho-ke umthetho ungcwele, nomyalo ungcwele, ulungile, muhle.


Ngabona ukuthi wangcoliswa; bobabili bahamba ngandlelanye.


Endleleni yokulunga kukhona ukuphila, nalapho umkhondo wakho udlula khona, akukho ukufa.


Kepha abaphambukela ezindleleni zabo eziyizinsongensonge uJehova uzakubahambisa kanye nabenza okubi. Ukuthula makube phezu kuka-Israyeli.


Mangizwe lokho uNkulunkulu uJehova azakukukhuluma; uyakhuluma ukuthula kubantu bakhe nakubo abamesabayo; mabangabuyeli ebuwuleni.


Lapho ngisho kolungileyo ukuthi uyakuphila nokuphila, yena abesethemba ekulungeni kwakhe kodwa, enze okubi, akuyikukhunjulwa nesisodwa sezenzo zakhe ezilungileyo, kepha uyakufela kokubi akwenzileyo.


Thwalisanani imithwalo yenu, nigcwalise kanjalo umthetho kaKristu.


ukuba ugcine umyalo ungenabala, ungenakusoleka, kuze kube sekubonakaleni kweNkosi yethu uJesu Kristu


Ngokuba uma sona ngamabomu emva kokuba sesamukele ukwazi kweqiniso, akusekho umnikelo ngezono,


ukuze nikhumbule amazwi ashunyayelwa phambili yibo abaprofethi abangcwele nomyalo weNkosi noMsindisi owashunyayelwa ngabaphostoli benu,


Bathandekayo, njengokuba ngenza inkuthalo yonke ukunilobela ngensindiso esiyihlanganyele sonke, ngacindezeleka ukunilobela ukuba nginivuselele ukulwela inkolo abayinikelwayo abangcwele kwaba kanye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite