Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 kaPetru 1:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 ngalokho nengezela inkuthalo yonke nelekele ubuhle ekukholweni, nasebuhleni ukwazi,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Ngaleso sizathu-ke, khuthalelani ukwengeza ubuhle ekukholweni, nasebuhleni ukwazi,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 Ngakho-ke yenzani inkuthalo yonke, nezeleni ubuhle ekukholweni kwenu; nasebuhleni ukwazi;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngakho-ke yenzani inkuthalo yonke, nezeleni ubuhle ekukholweni kwenu; nasebuhleni ukwazi;

Gade chapit la Kopi




2 kaPetru 1:5
25 Referans Kwoze  

Elokugcina, bazalwane, konke okuyiqiniso, konke okuhloniphekayo, konke okulungileyo, konke okumhlophe, konke okuthandekayo, konke okutusekayo, noma kukhona okuhle, noma kukhona okubongekayo, zindlani ngalokho;


Phezu kwakho konke okugcinayo, gcina inhliziyo yakho, ngokuba kuyilapho kuvela khona ukuphila.


kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Kristu. Inkazimulo mayibe kuye namanje nakuze kube lusuku lwaphakade.


Ngakho-ke, bazalwane, khuthalelani kakhulu ukwenza kuqiniseke ukubizwa nokukhethwa kwenu; ngokuba uma nenza lokho, anisoze nakhubeka.


Kepha sinxanela ukuba yilowo nalowo kini abonakalise lokho kukhuthalela, lize liphelele ithemba kuze kube sekupheleni,


Ngikhulekela lokhu ukuba uthando lwenu luvame kakhulu njalo ekwazini nasekuqondeni konke,


Ngakho, bathandekayo, lokhu nibheka lezo zinto, khuthalelani ukuba nifunyanwe ninokuthula, ningenabala, ningenacala kuye,


kepha-ke ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa; ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi ungumvuzi walabo abamfunayo.


Ngakho-ke ningabi yiziwula, kodwa qondani okuyintando yeNkosi.


Niyichithelani imali kukho okungesiso isinkwa, nenzuzo yenu kukho okunganelisiyo, na? Ngilaleleni nokungilalela, nidle okuhle, umphefumulo wenu ujabule ngamanoni.


Ngakho-ke, bathandiweyo bami, njengalokho nilalele ngezikhathi zonke, kungesikho nxa ngikhona kuphela, kodwa ikakhulu manje nxa ngingekho, fezani ukusindiswa kwenu ngokwesaba nangokuthuthumela,


wena usiyalezile ukuba sizigcine ngokwempela.


okufihlwe kuye amagugu onke okuhlakanipha nowokwazi.


Ningasebenzeli ukudla okuphelayo kepha ukudla okuhlala kuze kube ngukuphila okuphakade, eyakunipha khona iNdodana yomuntu, ngokuba uYise uNkulunkulu ubekile uphawu kuyona.”


Thina-ke besethemba ukuthi nguye ozakuhlenga u-Israyeli; kodwa phezu kwalokho konke sekulusuku lwesithathu lezo zinto zenzekile.


Ngalokho nathi, kusukela osukwini esezwa ngalo, asiyeki ukunikhulekela nokuninxusela ukuba nigcwaliswe ngokwazi intando yakhe ngokuhlakanipha konke nokuqonda okungomoya,


Kanjalo, madoda, hlalani nabo ngokokwazi, njengalokhu owesifazane eyisitsha esibuthakathaka, nibanike udumo, lokhu beyizindlalifa zomusa wokuphila kanye nani, ukuze imikhuleko yenu ingathiywa.


niqaphelisise kungabikho osilelayo emseni kaNkulunkulu, funa kumile impande imbe ebabayo, inixobise, kungcoliswe abaningi yiyo,


Bazalwane, ningabi ngabantwana ngengqondo, kanti ebubini nibe yizingane, kepha engqondweni nibe ngabakhulileyo.


Nangaphezu kwakho konke lokho kubekiwe umhosha omkhulu phakathi kwethu nani ukuba abafuna ukusuka lapha baye kini bangekwenze, nabalapho bangaweleli kithi.’


Abakude bayakufika, bakhe ithempeli likaJehova, nazi ukuthi nguJehova Sebawoti ongithumile kini. Kuyakwenzeka, uma nilalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wenu.”


Ngokuba ngokwenze njalo niyakuphiwa ngokwengcebo ukungena embusweni waphakade weNkosi yethu noMsindisi uJesu Kristu.


Abuyela kuJoshuwa, athi kuye: “Mabangakhuphuki bonke abantu; makuhambe amadoda kungathi izinkulungwane ezimbili noma ezintathu, alichithe i-Ayi; ungabakhathazi bonke abantu ngokuya khona, ngokuba bayingcosana nje.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite