Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 9:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Yathi kuye: “Bheka, kukhona kulo muzi umuntu kaNkulunkulu, umuntu ohloniphekayo; konke akushoyo kuyakwenzeka impela; masiye khona, mhlawumbe angasitshela indlela esihamba ngayo.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 Yathi kuye: “Bheka, kukhona umuntu kaNkulunkulu kulo muzi, umuntu ohloniphekile; konke akukhulumayo kuyakwenzeka impela. Masiye khona, mhlawumbe angasitshela indlela esihamba ngayo.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Wathi kuye: “Bheka, kukhona kulo muzi umuntu kaNkulunkulu, ungumuntu ohloniphekayo; konke akushoyo kuyenzeka impela; asihambe siye khona manje; mhlawumbe angasikhombisa indlela okufanele sihambe ngayo.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 9:6
16 Referans Kwoze  

Nasi isibusiso uMose, umuntu kaNkulunkulu, abusisa ngaso abantwana bakwa-Israyeli, engakafi; wathi:


Bheka, kwavela kwaJuda umuntu kaNkulunkulu ngezwi likaJehova, weza eBethele; uJerobowamu wayemi e-altare ukushisa impepho.


Kepha wena muntu kaNkulunkulu, balekela lezo zinto; jonga ukulunga, nokumesaba uNkulunkulu, nokukholwa, nothando, nokubekezela, nobumnene.


nibazisise kakhulu othandweni ngenxa yomsebenzi wabo. Hlalisanani ngokuthula.


Nina ningofakazi, naye uNkulunkulu, bokuthi sahlala kanjani phakathi kwenu nina enikholwayo ngobungcwele, nangokulunga, nangokungasoleki,


Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awasoze adlula.


ogcwalisa izwi lenceku yakhe, afeze ukululekana kwezithunywa zakhe, oshoyo ngalo iJerusalema, athi: ‘Liyakuba nabantu,’ nangemizi yakwaJuda ukuthi: ‘Iyakwakhiwa, ngibuye ngivuse incithakalo yakhona;’


Wathi lowo muntu kaNkulunkulu: “Iwelephi na?” Wamkhombisa indawo. Wayesenquma uthi, waluphonsa khona, insimbi yantanta.


Kwafika umuntu kaNkulunkulu ku-Eli, wathi kuye: “UJehova usho kanje, uthi: ‘Angithi ngazibonakalisa kuyo indlu kayihlo, beseseGibithe besendlini kaFaro.


“Ngase ngifika emthonjeni namuhla, ngithi: ‘Jehova Nkulunkulu wenkosi yami u-Abrahama, uma uphumelelisa indlela yami engiyihambayo,


Inceku yabuye yamphendula uSawule, yathi: “Ngiphethe esandleni sami okwesine kweshekeli* lesiliva; lokhu ngiyakumnika khona lowo muntu kaNkulunkulu ukuba asitshele indlela yethu.”


Yathi inkosi kuSadoki umpristi: “Ungumboni; buyela emzini ngokuthula, namadodana enu amabili enani, o-Ahimahasi indodana yakho noJonathani indodana ka-Abiyathara.


Kwathi u-Elisha umuntu kaNkulunkulu esezwile ukuthi inkosi yakwa-Israyeli iklebhulile izingubo zayo, wathumela enkosini, wathi: “Uklebhuleleni izingubo zakho na? Makeze kimi, aze azi ukuthi kukhona umprofethi kwa-Israyeli.”


Ngumuphi umuntu omesaba uJehova na? Nguyena oyakufundiswa nguye indlela ayakuyikhetha.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite