Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 9:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Izimbongolo zakho esezinezinsuku ezintathu zilahlekile, ungabeki inhliziyo yakho kuzo, ngokuba zitholiwe. Ngokukabani konke okunxanelekayo kwa-Israyeli na? Akusikho okwakho nokwendlu yonke kayihlo na?”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

20 Mayelana nezimbongolo zakho ezilahlekile ezinsukwini ezintathu ezedlule, ungabe usayibeka inhliziyo yakho kuzo, ngokuba sezitholakele. Ngokuba libekwe kubani kanti ithemba lika-Israyeli, uma kungekuwe nakubo bonke abendlu kayihlo na?”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Izimbongolo zakho esezikulahlekile ezinsukwini ezintathu ezedlule, ungazinaki; ngoba zatholwa. Futhi phezu kukabani zonke izifiso zika-Israyeli? Akukhona kuwe nakuyo yonke indlu yakho?

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 9:20
11 Referans Kwoze  

athi kuye: “Bheka, usumdala, amadodana akho awahambi ngezindlela zakho; sibekele inkosi ukuba isahlulele njengezizwe zonke.”


Manje nansi inkosi eniyikhethileyo neniyicelileyo; bhekani, uJehova ubekile inkosi phezu kwenu.


Izimbongolo zikaKishi uyise kaSawule zalahleka. UKishi wathi kuSawule indodana yakhe: “Thatha enye yezinceku, usuke, uye kufuna izimbongolo.”


nakani okwaphezulu, ninganaki okusemhlabeni.


Maningakwethembi ukuqhwaga, ningazigabisi ngokuphangiweyo; uma imfuyo yanda, ningayibeki inhliziyo kuyo.


Futhi njengokuba ngiyenamela indlu kaNkulunkulu wami, nginengcebo yegolide nesiliva, ngiyanika indlu kaNkulunkulu wami yona phezu kwakho konke engikulungisele indlu engcwele,


kepha uma ningalaleli izwi likaJehova, nihlubuke esiyalezweni sikaJehova, khona isandla sikaJehova siyakumelana nani, njengalokho samelana nawoyihlo.


Kepha abantu bala ukulalela izwi likaSamuweli, bathi: “Hhayi, sifuna ukuba kube khona inkosi phezu kwethu,


Ngesikhathi sokufa kwakhe abesifazane ababemi kuye bathi kuye: “Ungesabi, ngokuba ubelethe indodana.” Kepha akaphendulanga, akakunakanga.


USamuweli wamphendula uSawule, wathi: “Yimi engingumboni; khuphuka phambi kwami, uye endaweni ephakemeyo, ngokuba niyakudla nami namuhla; ekuseni ngiyakukumukisa, ngikutshele konke okusenhliziyweni yakho.


USawule wathi kuyisekazi: “Usitshele impela ukuthi izimbongolo zitholiwe.” Kepha indaba yombuso akhuluma ngayo uSamuweli akamtshelanga yona.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite