Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 8:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 ukuze nathi sibe njengezizwe zonke, inkosi yethu isahlulele, iphume phambi kwethu, ilwe izimpi zethu.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

20 ukuze nathi sifane nezizwe zonke, inkosi yethu isehlulele, kube yiyo esiholayo lapho siphuma impi, ilwe izimpi zethu.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 ukuze nathi sibe njengazo zonke izizwe; futhi ukuze inkosi yethu isahlulele futhi iphume phambi kwethu futhi ilwe izimpi zethu.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 8:20
13 Referans Kwoze  

athi kuye: “Bheka, usumdala, amadodana akho awahambi ngezindlela zakho; sibekele inkosi ukuba isahlulele njengezizwe zonke.”


kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo, ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni, ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo;


Kepha thina singabombuso wasezulwini, lapho futhi silindela khona ukuba kuvele uMsindisi, iNkosi uJesu Kristu,


“Ngakho-ke phumani phakathi kwabo, nahlukane nabo, isho iNkosi; ningathinti okungcolileyo; khona ngiyakunamukela,


ethembeni nithokoze; osizini nibekezele; ekukhulekeni niqinisele njalo;


Uma beningabezwe, izwe belizakuthanda okwalo, kepha lokhu ningesibo abezwe kodwa nganikhetha mina ezweni, kungalokho izwe linizonda.


kepha bahlangana nabezizwe, bafunda imisebenzi yabo.


Ngokuba uyisizwe esingcwele kuJehova uNkulunkulu wakho: uJehova uNkulunkulu wakho ukukhethile ukuba ube yisizwe senzuzo yakhe phezu kwezizwe zonke ezisebusweni bomhlaba.


Ngokuba ngisesiqongweni samadwala ngiyambona, ngisemadulini ngiyambuka; bheka, kungabantu abahlala bodwa, abangayikubalwa phakathi kwezizwe.


Ngokuba kuyakwaziwa ngani ukuthi ngifumene umusa emehlweni akho, mina nabantu bakho, na? Akungalokhu yini ukuthi uhamba nathi, ukuze sahlukaniswe, mina nabantu bakho, nabanye abantu abasebusweni bomhlaba na?”


Manje bhekani, inkosi iyahamba phambi kwenu; mina sengimdala, ngiyimpunga; nanka amadodana ami akini; ngihambile phambi kwenu kwasebusheni bami kuze kube namuhla.


“Kepha lapho nabona uNahashi inkosi yabantwana bakwa-Amoni ephuma ukulwa nani, nathi kimi: ‘Hhayi, kepha masibuswe yinkosi,’ ingani uJehova uNkulunkulu wenu wayeyinkosi yenu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite