Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 8:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Kepha abantu bala ukulalela izwi likaSamuweli, bathi: “Hhayi, sifuna ukuba kube khona inkosi phezu kwethu,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

19 Kepha abantu bala baphetha ukulalela izwi likaSamuweli, bathi: “Qha, sifuna ukuba kube khona inkosi isibuse,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Kepha abantu bala ukulalela izwi likaSamuweli; baphendula bathi: Hatshi! kepha siyakuba nenkosi phezu kwethu;

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 8:19
9 Referans Kwoze  

“Izwi olikhulume kithi egameni likaJehova asiyikulilalela.


Bafika kuwe njengokufika kwabantu, bahlala phambi kwakho njengabantu bami, bezwa amazwi akho, abawenzi kodwa, ngokuba ngomlomo wabo babonakalisa uthando olukhulu, kepha inhliziyo yabo ilandela inzuzo yabo.


Manje ngokuba niyenzile yonke le misebenzi, usho uJehova, ningalalelanga, noma ngakhuluma njalonjalo, nganibiza, ningaphendulanga,


Ngalokho ngiyakubakhethela izinhlupho, ngibehlisele abakwesabayo, ngokuba ekubizeni kwami kwakungekho ophendulayo, nasekukhulumeni kwami abezwanga, kepha benza okubi emehlweni ami, bakhetha lokhu engingathokozanga ngakho.”


“Kepha abantu bami abalalelanga izwi lami, u-Israyeli akanginakanga.


“Nxa ufikile ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, ulidle, uhlale kulo, uthi: ‘Ngiyakubeka inkosi phezu kwami njengazo zonke izizwe ezingizungezayo,’


“Kepha lapho nabona uNahashi inkosi yabantwana bakwa-Amoni ephuma ukulwa nani, nathi kimi: ‘Hhayi, kepha masibuswe yinkosi,’ ingani uJehova uNkulunkulu wenu wayeyinkosi yenu.


Kepha abalalelanga; uManase wabaphambukisa baze benza okubi kunabezizwe abachithayo uJehova phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.


Ngase ngibayeka enkanini yenhliziyo yabo ukuba bahambe ngokuthanda kwabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite