Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 8:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Niyakukhala ngalolo suku ngenxa yenkosi yenu, eniyakube nizikhethele yona; kepha uJehova akayikuniphendula ngalolo suku.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

18 Ngalolo lusuku niyakukhala ngenxa yenkosi yenu enizikhethele yona, kodwa uSimakade akayukuniphendula ngalolo lusuku.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Niyokhala ngalolo suku ngenxa yenkosi yenu enizikhethele yona; uJehova akayikunilalela ngalolo suku.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 8:18
13 Referans Kwoze  

Khona bayakukhala kuJehova, kepha akayikubaphendula; uyakusitheza ubuso bakhe kubo ngaleso sikhathi ngenxa yokwenza kwabo izenzo zabo zibe zimbi.


Lapho nelula izandla zenu, ngiyakufihla kini amehlo ami; yebo, lapho nenza imikhuleko eminingi, angiyikuzwa; izandla zenu zigcwele igazi.


Bayakudabula izwe bexinekile, belambile; kuyakuthi lapho belamba, bavuke ulaka, bathuke inkosi yabo noNkulunkulu wabo, babheke phezulu.


Nxa umninindlu esukumile wavala emnyango, niqale ukuma ngaphandle, ningqongqothe emnyango, nithi: ‘Nkosi, sivulele,’ uyakuphendula, athi: ‘Anginazi lapho nivela khona.’


Ovala indlebe yakhe ngokukhala kompofu naye uyakukhala angaphendulwa.


Bakhala, kepha akubangakho osindisayo, nakuJehova, kodwa akaze aphendula.


UNkulunkulu uyakuzwa ukukhala kwakhe, lapho ehlelwa lusizi, na?


Iyakuthatha okweshumi kwezimvu zenu, nibe yizinceku zayo.


Manje ubaba wanithwesa ijoka elisindayo, mina ngiyakwenezela ejokeni lenu; ubaba wanishaya ngeziswebhu, mina ngawofezela.’ ”


Liyini ithemba longenaNkulunkulu, nxa enqunywa, lapho uNkulunkulu esusa umphefumulo wakhe, na?


Bheka, isandla sikaJehova asifinyeziwe ukuba singasindisi, nendlebe yakhe ayinzima ukuba ingezwa.


Ngalokho ngiyakusebenza ngokufutheka; iso lami aliyikubahawukela, ngingabi nabubele; noma bememeza ezindlebeni zami ngezwi elikhulu, angiyikubezwa.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite