Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 7:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 USamuweli wathatha iwundlu elincelayo, wanikela ngalo libe ngumnikelo oshiswa wonke kuJehova; uSamuweli wamkhalela u-Israyeli kuJehova; uJehova wamphendula.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 USamuweli wathatha iwundlu elisancelayo, wanikela ngalo laba ngumnikelo wokushiswa wonke kuSimakade; uSamuweli wamkhulekela u-Israyeli kuSimakade, uSimakade wamphendula.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 USamuweli wathatha iwundlu elincelisayo, wanikela ngalo libe ngumnikelo wokushiswa kuJehova ngokuphelele; uSamuweli wakhuleka kuJehova ngenxa ka-Israyeli; uJehova wamuzwa.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 7:9
16 Referans Kwoze  

Wayesethi uJehova kimi: “Noma bekumi phambi kwami oMose noSamuweli, inhliziyo yami ibingebe kulaba bantu; balahle ebusweni bami, baphume.


OMose no-Aroni babe phakathi kwabapristi bakhe; uSamuweli wayephakathi kwabakhulekayo egameni lakhe. Bakhuleka kuJehova, yena waphendula.


ngibize ngosuku lwenhlupheko; ngiyakukukhulula, wena uyakungidumisa.”


Wayebuyela eRama, ngokuba indlu yakhe yayilapho; wahlulela u-Israyeli khona, wamakhela lapho uJehova i-altare.


Ngakho, vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuba niphulukiswe. Umkhuleko oqinileyo wolungileyo unamandla kakhulu.


Wathi uSamuweli: “Ngingahamba kanjani? Uma uSawule ekuzwa, uyakungibulala.” UJehova wathi: “Hamba nesithokazi, uthi: ‘Ngize ukuhlabela uJehova.’


“Uyakwehla phambi kwami ukuya eGiligali; bheka, ngiyakwehlela kuwe ukuba nginikele ngeminikelo yokushiswa, ngihlabe imihlatshelo yokuthula; uyakuhlala izinsuku eziyisikhombisa, ngize ngifike kuwe, ngikutshele oyakukwenza.”


Abaphendula athi: “Ukhona; nangu ngaphambi kwakho; shesha kodwa, ngokuba ufikile namuhla emzini, lokhu abantu benomhlatshelo namuhla endaweni ephakemeyo;


Lapho abantu bomuzi bevuka ekuseni kakhulu, bheka, i-altare likaBali lase libhidliziwe, no-Ashera* owayengakulo wayegawuliwe, nenkunzi yesibili yayinikelwe phezu kwe-altare elalakhiwe.


umakhele uJehova uNkulunkulu wakho i-altare esiqongweni sale nqaba ngokuhlelekileyo, uyithathe inkunzi yesibili, unikele ngomnikelo wokushiswa ngezinkuni zika-Ashera* ozakumgawula.”


“Nxa kuzalwa inkunzi noma imvu noma imbuzi, iyakuhlala kunina izinsuku eziyisikhombisa; kusukela osukwini lwesishiyagalombili nangasemuva iyakwamukelwa ibe ngumnikelo womlilo kuJehova.


Ngakhuleka kuJehova, ngathi: ‘Jehova Nkulunkulu, ungabhubhisi abantu bakho nefa lakho olihlengile ngobukhulu bakho, walikhipha eGibithe ngesandla esinamandla.


Ngiyakuzivusela umpristi othembekileyo oyakwenza njengokusenhliziyweni yami nasengqondweni yami; ngiyakumakhela indlu eqinileyo; uyakuhamba phambi kogcotshiweyo wami kuze kube phakade.


Angithi kuyisikhathi sokuvuna ukolweni namuhla na? Ngiyakukhuleka kuJehova ukuba athume ukuduma nemvula, nazi, nibone ukuthi okubi kwenu enikwenzile emehlweni kaJehova ngokucela inkosi kukhulu.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite