Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 7:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 USamuweli esanikela ngomnikelo wokushiswa, amaFilisti asondela ukulwa no-Israyeli; kepha uJehova waduma ngokuduma okukhulu phezu kwamaFilisti ngalolo suku, wawangquzula, abulawa phambi kuka-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Kwathi uSamuweli esenza umnikelo wokushiswa, asondela amaFilisti ukuzolwa no-Israyeli. USimakade waduma ngezwi elikhulu ngalolo lusuku wamelana namaFilisti, wawafaka ukudideka, anqotshwa kanjalo ngu-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 USamuweli esaletha umnikelo wokushiswa, amaFilisti asondela ukulwa no-Israyeli; banqotshwa phambi kukaIsrayeli.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 7:10
21 Referans Kwoze  

Abalwa noJehova bayakuphahlazwa; uyakuduma ezulwini phezu kwabo; uJehova uyakwahlulela amajukujuku omhlaba, anike inkosi yakhe amandla, aphakamise uphondo logcotshiweyo wakhe.”


Angithi kuyisikhathi sokuvuna ukolweni namuhla na? Ngiyakukhuleka kuJehova ukuba athume ukuduma nemvula, nazi, nibone ukuthi okubi kwenu enikwenzile emehlweni kaJehova ngokucela inkosi kukhulu.”


Kwaliwa ezulwini; izinkanyezi ezindleleni zazo zalwa noSisera.


UJehova wabangquzula ngaphambi kuka-Israyeli, wabaceka ngokuceka okukhulu ngaseGibeyoni, wabaxosha ngendlela ekhuphukela eBeti Horoni, wababulala kwaze kwaba se-Azeka naseMakheda.


Yayisithatha isho kimi, ithi: “Lokhu kuyizwi likaJehova kaZerubabele lokuthi: ‘Kungabi ngempi, kungabi ngamandla, kepha kube ngomoya wami kuphela,’ usho uJehova Sebawoti.


Bakhetha onkulunkulu abasha; lapho kwafika impi emasangweni; kwabonwa isihlangu noma umkhonto yini phakathi kwezinkulungwane ezingamashumi amane kwa-Israyeli na?


UJehova wamngquzula uSisera nazo zonke izinqola zakhe nempi yakhe yonke ngosiko lwenkemba phambi kukaBaraki; uSisera wehlika enqoleni yakhe, wabaleka ngezinyawo.


Abantu bakwa-Israyeli baphuma eMispa, bawaxosha amaFilisti, bawabulala, baze bafika ngaphansi eBeti Kari.


Kwaba khona ukuthuthumela ekamu,* nasendle, naphakathi kwabantu bonke; ikhanda nabaphangi bathuthumela nabo, nomhlaba wazamazama, kwaze kwaba ngukuthuthumela okukhulu.


Izwi likaJehova liphezu kwamanzi, uNkulunkulu wenkazimulo uyaduma; uJehova uphezu kwamanzi amakhulu.


Izwi likaJehova linamandla; izwi likaJehova linenkazimulo.


“UJehova uyakwenza ukuba izitha zakho ezikuvukelayo zibulawe phambi kwakho; ziyakukuhlasela ngandlelanye, zikubalekele ngezindlela eziyisikhombisa.


Kwase kubonakala imisinga yamanzi; izisekelo zomhlaba zambulwa ngesijeziso sakho, Jehova, ngokufutha komoya wamakhala akho.


yazishayela emuva izitha zayo, yazithela ngehlazo eliphakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite