Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 6:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Athi: “Uyakuba yini umnikelo wecala esiyakuwubuyisela kuye na?” Bathi: “Amathumba ayisihlanu egolide namagundane ayisihlanu egolide njengomumo wamakhosi amaFilisti, ngokuba kuyisifo sinye esikubo bonke nakuwo amakhosi enu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Athi: “Uyokuba yini umnikelo wecala esiyakuwubuyisela kanye nawo na?” Bathi: “Amathumba ayisihlanu egolide namagundane ayisihlanu egolide ngokwenani lamakhosi amaFilisti, ngokuba kuyisifo esisodwa esihlasele bonke, ngisho namakhosi enu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Base bethi: “Uyini umnikelo wecala ukuba siwubuyisele kuye na?” Athi: Amankonjane amahlanu egolide namagundane ayisihlanu egolide njengomumo wezikhulu zamaFilisti, ngokuba isifo sinye sasiphezu kwenu nonke namakhosi enu.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 6:4
10 Referans Kwoze  

Amakhosi ayisihlanu amaFilisti, nawo onke amaKhanani, namaSidoni, namaHivi ahlala entabeni yaseLebanoni, kusukela entabeni yaseBali Hermoni kuze kube sekuyeni eHamati.


kusukela eSihori elingaphambi kweGibithe kuze kube semkhawulweni wase-Ekroni ngasenyakatho, elibalelwa kumaKhanani, amakhosi ayisihlanu amaFilisti: amaGaza, nama-Ashidodi, nama-Ashikeloni, namaGiti, nama-Ekroni, nama-Avi,


Kwathi sebewususele khona, isandla sikaJehova sasiphezu kwalowo muzi ngokungquzula okukhulu, wabulala abantu bomuzi abancane nabakhulu; kwaqhamuka amathumba kubo.


Kepha isandla sikaJehova sasinzima phezu kwabase-Ashidodi, wabachitha, wababulala ngamathumba, i-Ashidodi nemikhawulo yalo.


Niyakwenza imifanekiso yamathumba enu nemifanekiso yamagundane enu alonayo izwe, nimnike uNkulunkulu ka-Israyeli udumo; mhlawumbe uyakusenza lula isandla sakhe phezu kwenu, naphezu kwawonkulunkulu benu, naphezu kwezwe lakini.


Abantu abangafanga bashaywa ngamathumba; ukukhala komuzi kwenyukela ezulwini.


Abantwana bakwa-Israyeli benza-ke njengezwi likaMose; bacela kwabaseGibithe izinto zesiliva, nezinto zegolide, nezingubo.


nithathe umphongolo kaJehova, niwubeke enqoleni, nifake impahla yegolide eniyibuyisela kuye ibe ngumnikelo wecala ebhokisini eliseceleni kwawo, niyimukise, ihambe.


UMoya kaJehova wafika kuye ngamandla, wehlela e-Ashikeloni, wabulala abantu abangamashumi amathathu kubo, wathatha isambatho sabo, wabanika abayiqandele imfumbe izingubo zokuphendulela. Intukuthelo yakhe yavutha, wenyukela endlini kayise.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite