Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 6:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Inqola yangena ensimini kaJoshuwa waseBeti Shemeshi, yema khona, lapho kwakukhona itshe elikhulu; babanda inqola yaba yizinkuni, banikela ngezinkomo zaba ngumnikelo wokushiswa kuJehova.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 Inqola yeza ensimini kaJoshuwa waseBhethi Shemeshi, yafike yema lapho. Kwakukhona itshe elikhulu lapho, base beqhekeza izinkuni zenqola benza ngezinkomazi umnikelo wokushiswa kuSimakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Inqola yafika ensimini kaJoshuwa waseBeti Shemi, yema khona lapho kwakukhona itshe elikhulu; bacanda izinkuni zenqola, banikela ngezinkomo zaba ngumnikelo wokushiswa kuJehova.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 6:14
13 Referans Kwoze  

Wayesethi u-Arawuna kuDavide: “Inkosi yami, inkosi, mayithathe, inikele ngokuhle emehlweni ayo; bheka, nazi izinkabi zomnikelo wokushiswa, nezibhulo, nezinto zokubophela izinkabi zibe yizinkuni;


Kwathi ngakusasa abantu bavuka ekuseni, bakha khona i-altare, banikela ngeminikelo yokushiswa neminikelo yokuthula.


Wabuya ekumlandeleni, wathatha izinkabi zombili, wazihlaba, wapheka inyama yazo ngempahla yezinkabi, wabapha abantu, badla. Wayesesuka, wamlandela u-Eliya, wamkhonza.


UDavide wamakhela khona uJehova i-altare, wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula. UJehova wancengwa ngenxa yezwe, isifo sanqamuka kwa-Israyeli.


UGadi wafika ngalolo suku kuDavide, wathi kuye: “Yenyuka, ummisele uJehova i-altare esibuyeni sika-Arawuna umJebusi.”


wathi: ‘Ake ungivumele ukuba ngihambe, ngokuba umndeni wakithi unomhlatshelo emzini; umfowethu ungiyalile; manje-ke, uma ngifumene umusa emehlweni akho, mangihambe ngibone abafowethu.’ Ngalokho akafikanga etafuleni lenkosi.”


Bheka, uSawule weza elandela izinkabi, evela ensimini; uSawule wathi: “Yini ukuba abantu bakhale na?” Bamtshela amazwi abantu baseJabeshi.


umakhele uJehova uNkulunkulu wakho i-altare esiqongweni sale nqaba ngokuhlelekileyo, uyithathe inkunzi yesibili, unikele ngomnikelo wokushiswa ngezinkuni zika-Ashera* ozakumgawula.”


“ ‘Wongenzela i-altare lomhlabathi, unikele phezu kwalo iminikelo yakho yokushiswa neminikelo yakho yokuthula, izimvu zakho nezinkomo zakho; ezindaweni zonke lapho ngilenza ukuba likhunjulwe khona igama lami, ngiyakuza kuwe, ngikubusise.


AbaseBeti Shemeshi babevuna ukolweni esigodini, baphakamisa amehlo abo, bawubona umphongolo, bathokoza ukuwubona.


namagundane egolide ayenjengomumo wemizi yonke yamaFilisti yamakhosi ayisihlanu, imizi ebiyelweyo nemizana yasemaphandleni, okubufakazi bakho kuyitshe elikhulu abawubeka kulo umphongolo kaJehova, elikhona nanamuhla ensimini kaJoshuwa waseBeti Shemeshi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite