Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 5:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Sebevukile kusasa ekuseni, bheka, uDagoni wayewile phansi ngobuso phambi komphongolo kaJehova; ikhanda likaDagoni nezimpama zombili zezandla zakhe zazinqamukile zisembundwini; kwasala isidumbu sakhe kuphela.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Bavuka ngakusasa ekuseni; uyabona-ke, uDagoni wayewele phansi emhlabathini phambi komphongolo kaSimakade, ikhanda likaDagoni nezihlakala zombili zezandla zakhe zazinqamukile, zisembundwini, kwakusele isidikinyane kuphela.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Lapho bevuka ekuseni kakhulu, bheka, uDagoni wawa ngobuso emhlabathini phambi komphongolo kaJehova; ikhanda likaDagoni nezintende zezandla zakhe zombili zazinqunyiwe zisembundwini; kwasala isiphunzi sikaDagoni kuphela.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 5:4
11 Referans Kwoze  

Zonke izithombe zalo ezibaziweyo ziyakwaphulwa, nakho konke elikukhokhelweyo kuyakushiswa ngomlilo, nayo yonke imifanekiso ngiyakuyenza ukuba ibe yincithakalo, ngokuba likuqoqile ngenkokhelo yobufebe; kuyakubuye kube yinkokhelo yobufebe.”


“Memezani phakathi kwezizwe, nikuzwakalise, nimise ibhanela,* nikuzwakalise, ningakufihli, nithi: ‘IBabele linqotshiwe, uBeli ujabhile, uMerodaki uphelile amandla; izithombe zalo zijabhile, imifanekiso yalo iphelile amandla.’


“Niyakusho kanje kubo, nithi: ‘Onkulunkulu abangenzanga izulu nomhlaba, labo bayakubhubha emhlabeni nangaphansi kwezulu.’ ”


Nawonkulunkulu babo kanye nezithombe zabo ezibunjiweyo nezitsha zabo ezinxanelekayo zesiliva nezegolide uyakukuthumba, akuyise eGibithe, ayiyeke inkosi yasenyakatho iminyaka ethile.


Ngakho ububi bukaJakobe buyakuhlangulwa ngalokhu, lokhu kube yisithelo sonke sokususa isono sakhe, lapho enza ukuba onke amatshe e-altare avithizeke njengamatshe omcako, kungabe kusamiswa o-Ashera* nama-altare empepho.


Niyakwenza imifanekiso yamathumba enu nemifanekiso yamagundane enu alonayo izwe, nimnike uNkulunkulu ka-Israyeli udumo; mhlawumbe uyakusenza lula isandla sakhe phezu kwenu, naphezu kwawonkulunkulu benu, naphezu kwezwe lakini.


Ompofu kunokuba anikele ngomnikelo onjalo uyakhetha umuthi ongaboliyo, azifunele isisebenzi esihlakaniphileyo ukuba simise isithombe esibaziweyo esingenakuzanyazanyiswa.


Bonke abantu bayiziphukuphuku, abanakwazi; bonke abakhandi bajabhiswa nezithombe zabo ezibaziweyo, ngokuba izithombe zabo ezibunjiweyo zingamanga, nomoya awukho kuzo.


Ziyize, umsebenzi wenkohliso; ngesikhathi sokuhanjelwa kwabo ziyakubhubha.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite