Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 4:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Kwathi umphongolo wesivumelwano sikaJehova ufika ekamu,* wonke u-Israyeli wakhamuluka ngokukhamuluka okukhulu, kwaze kwaduma umhlaba.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Kwathi lapho umphongolo wesivumelwano sikaSimakade ufika enkanjini, u-Israyeli wonke wakhamuluka ngezwi elikhulu, kwaze kwazamazama umhlaba.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Kwathi umphongolo wesivumelwano sikaJehova ufika ekamu, wonke u-Israyeli wakhala ngokukhamuluka okukhulu, kwaze kwaduma umhlaba.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 4:5
10 Referans Kwoze  

Kuyakuthi lapho bekhalisa kade uphondo lwejubili* nalapho nilizwa izwi lecilongo, bonke abantu bakhamuluke ngokukhamuluka okukhulu, ugange lomuzi luwele phansi endaweni yalo, abantu bakhuphuke, yilowo nalowo aqonde phambili nje.”


nina enidedisela kude usuku olubi, kepha nisondezile isihlalo sobudlova.


Ningethembi emazwini amanga, lapho kuthiwa: “Nanti ithempeli likaJehova, ithempeli likaJehova, ithempeli likaJehova.”


ukuthi ukujabula kwababi kufushane, nokuthokoza kwabangenaNkulunkulu kungokokuphazima kweso nje, na?


Lapho efika eLehi, amaFilisti amhlangabeza ekhamuluka; uMoya kaJehova wafika kuye ngamandla, izintambo ezazisezingalweni zakhe zaba njengefilakisi* elishiswe ngomlilo, nezibopho zakhe zancibilika, zasuka ezandleni zakhe.


Abantu base bekhamuluka, amacilongo abethwa; kwathi lapho abantu bezwe ukukhala kwecilongo, abantu bakhamuluka ngokukhamuluka okukhulu, ugange lwawela phansi endaweni yalo, abantu benyukela emzini, yilowo nalowo waqonda phambili nje, bawuthatha umuzi.


Uma bekuhambahamba umuntu okhuluma umoya nje namanga, athi: ‘Ngiyakuprofetha kuwe ngewayini nangophuzo olunamandla,’ ubeyakuba ngumprofethi walaba bantu.


AmaFilisti esezwa umsindo wokukhamuluka athi: “Uthini umsindo walokhu kukhamuluka okukhulu ekamu* lamaHeberu na?” Aqonda ukuthi umphongolo kaJehova ufikile ekamu.


Bheka, kwafika noSadoki nawo onke amaLevi enaye, ethwele umphongolo wesivumelwano sikaNkulunkulu; abeka phansi umphongolo kaNkulunkulu, u-Abiyathara wenyuka, baze baphuma bonke abantu emzini.


Bonke abantu benyuka emva kwakhe, abantu babetha imitshingo. Bathokoza ngokuthokoza okukhulu, kwaze kwangathi kuqhekezeka umhlaba ngomsindo wabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite