Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 4:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Umalokazana wakhe, umkaFinehasi, wayekhulelwe esezakubeletha; esezwile umbiko wokuthi umphongolo kaNkulunkulu uthathiwe nokuthi kufile uyisezala nomyeni wakhe, wakhonkobala, wabeletha, ngokuba wafikelwa yimihelo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

19 Umalokazana wakwakhe, umkaFinehasi, wayekhulelwe esezobeletha, kwathi ukuba ezwe umbiko wokuthi umphongolo kaNkulunkulu uthathiwe, nokuthi uyisezala nomyeni wakhe bafile, wakhonkobala, wafikelwa yimihelo, wabeletha.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Umalokazana wakhe, umkaFinehasi, wayekhulelwe, esezakubeletha; lapho ezwa umbiko wokuthi umphongolo kaNkulunkulu uthathiwe nokuthi uyisezala nomyeni wakhe bafile, wakhothama wabeletha; ngoba ubuhlungu bakhe behlela phezu kwakhe.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 4:19
7 Referans Kwoze  

Kwathi esaphatha umphongolo kaNkulunkulu, wawa nyovane esihlalweni sakhe ngaseceleni kwesango, kwaphuka intamo yakhe, wafa, ngokuba wayengumuntu omdala, esinda. Wayebahlulele abakwa-Israyeli iminyaka engamashumi amane.


Ngesikhathi sokufa kwakhe abesifazane ababemi kuye bathi kuye: “Ungesabi, ngokuba ubelethe indodana.” Kepha akaphendulanga, akakunakanga.


Wathi kowesifazane: “Ngizakukubangela ubuhlungu obukhulu ekukhulelweni kwakho; uyakubeletha abantwana ngobuhlungu. Ukunxanela kwakho kuyakuba sendodeni yakho; yona iyakukubusa.”


Kwathi esenemihelo enzima, umbelethisi wathi kuye: “Ungesabi, ngokuba uzakuba nenye indodana futhi.”


Ngaleso sikhathi u-Abiya indodana kaJerobowamu wagula.


Abapristi babo bawa ngenkemba; abafelokazi babo abaze balila.


ngiyakwenza le ndlu ibe njengeShilo, nalo muzi ngiyakuwenza ube yisiqalekiso ezizweni zonke zomhlaba.’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite