Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 4:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Kwathi esaphatha umphongolo kaNkulunkulu, wawa nyovane esihlalweni sakhe ngaseceleni kwesango, kwaphuka intamo yakhe, wafa, ngokuba wayengumuntu omdala, esinda. Wayebahlulele abakwa-Israyeli iminyaka engamashumi amane.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

18 Kwathi nje ukuba aphathe igama lomphongolo kaNkulunkulu, u-Eli wawa nyovane esihlalweni sakhe eceleni kwesango, waphuka intamo, wafa, kwazise wayesemdala futhi ekhuluphele. Wayemahlulele u-Israyeli iminyaka engama-40.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Esekhulume ngomphongolo kaNkulunkulu, wawa nyovane esihlalweni esingasesangweni, yaphuka intamo, wafa, ngokuba wayeyindoda endala enzima. Futhi wahola u-Israyeli iminyaka engamashumi amane.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 4:18
15 Referans Kwoze  

Ngokuba ukushisekela indlu yakho kungidlile; izithuko zabakuthukayo zingehlele.


Kunjengokuphohlozwa kwamathambo ami, nxa izitha zami zingiklolodela, zithi kimi usuku lonke: “Uphi uNkulunkulu wakho na?”


Izinyembezi zami zingukudla kwami imini nobusuku, ngokuba usuku lonke bathi kimi: “Uphi uNkulunkulu wakho na?”


Jehova, ngiyayithanda inkundla yendlu yakho nendawo lapho kuhlezi khona inkazimulo yakho.


Ekufikeni kwakhe, bheka, u-Eli wayehlezi esihlalweni sakhe ngaseceleni komgwaqo, ngokuba inhliziyo yakhe yayithuthumela ngomphongolo kaNkulunkulu. Esengenile emzini lowo muntu, wakubika, wakhala umuzi wonke.


UMose wayesethi ku-Aroni: “Yikho uJehova akukhuluma, ethi: “ ‘Kubo abaseduze nami ngiyakungcweliswa, phambi kwabantu bonke ngiyakukhazimuliswa.’ ” U-Aroni wathula.


Owaletha umbiko waphendula wathi: “U-Israyeli ubalekile phambi kwamaFilisti; kwakukhona ukubulawa okukhulu phakathi kwabantu; amadodana akho omabili oHofini noFinehasi afile, nomphongolo kaNkulunkulu uthathiwe.”


Umalokazana wakhe, umkaFinehasi, wayekhulelwe esezakubeletha; esezwile umbiko wokuthi umphongolo kaNkulunkulu uthathiwe nokuthi kufile uyisezala nomyeni wakhe, wakhonkobala, wabeletha, ngokuba wafikelwa yimihelo.


Wahlulela u-Israyeli ngezinsuku zamaFilisti iminyaka engamashumi amabili.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite