Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 31:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Lapho abantu bakwa-Israyeli ababe ngaphesheya kwesigodi nalabo ababe ngaphesheya kweJordani bebona ukuthi abantu bakwa-Israyeli babaleka nokuthi uSawule namadodana akhe bafile, bashiya imizi, babaleka; amaFilisti afika, ahlala kuyo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Kwathi ukuba abantu bakwa-Israyeli ababephesheya kwesigodi nalabo ababengaphesheya kweJordani, babone ukuthi abantu bakwa-Israyeli bayabaleka, nokuthi uSawule namadodana akhe bafile, bashiya imizi yabo, babaleka. AmaFilisti afika, ahlala kuyo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Lapho abantu bakwa-Israyeli ababengaphesheya kwesigodi nabangaphesheya kweJordani bebona ukuthi abantu bakwa-Israyeli bayabaleka nokuthi uSawule namadodana akhe bafile, bashiya imizi, babaleka; afika amaFilisti, ahlala kuyo.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 31:7
8 Referans Kwoze  

Lapho abantu bakwa-Israyeli bebona ukuthi basengcingweni, ngokuba bacindezelwa kakhulu, abantu bacasha emihumeni, nasemahlozini, nasemaweni, nasezinqabeni, nasemigodini.


Isandla sakwaMidiyani samahlula u-Israyeli; ngenxa yakwaMidiyani abantwana bakwa-Israyeli bazenzela imihume yasezintabeni, nemigede, nezinqaba.


Izithelo zomhlabathi wakho nayo yonke imisebenzi yakho kuyakudliwa yisizwe ongasaziyo, wena ucindezelwe kuphela, uchotshozwe


“ ‘Abaseleyo bakini ngiyakubehlisela itwetwe ezinhliziyweni zabo emazweni ezitha zabo; ubuhashahasha beqabunga elinyakaziswayo buyakubaxosha, babaleke njengalokhu umuntu ebalekela inkemba, bawe bengaxoshwa muntu.


Ngiyakulenza izwe libe yincithakalo; izitha zenu ezihlala kulo ziyakumangala ngakho.


Wafa-ke uSawule namadodana akhe omathathu, nodibi lwakhe, nabo bonke abantu bakhe ngalolo suku kanyekanye.


Kwathi ngangomuso, lapho amaFilisti efika ukuphanga ababuleweyo, afumana uSawule namadodana akhe omathathu bewile entabeni yaseGilibowa.


NamaHeberu ayewelile iJordani ukuya ezweni lakwaGadi nakwelakwaGileyadi; kepha uSawule wayeseseGiligali; abantu bonke bamlandela bethuthumela.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite