Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 30:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 UDavide wayehlupheka kakhulu, ngokuba abantu bekhuluma ngokumkhanda ngamatshe, lokhu izinhliziyo zabo bonke abantu zazinomunyu, kwaba yilowo nalowo ngenxa yamadodana akhe namadodakazi akhe; kepha uDavide waziqinisa kuJehova uNkulunkulu wakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 UDavide wayekhathazekile kakhulu, ngoba abantu base bebhunga ngokumkhanda ngamatshe, lokhu izinhliziyo zabo bonke abantu zazinomunyu, ngenxa yamadodana namadodakazi abo. Kepha uDavide wathola amandla kuSimakade uNkulunkulu wakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 UDavide wacindezeleka kakhulu; ngoba abantu babekhuluma ukumkhanda ngamatshe, ngoba imiphefumulo yabantu bonke yayinomunyu, kwaba yilowo nalowo ngenxa yamadodana akhe namadodakazi akhe; kepha uDavide waziqinisa ngoJehova uNkulunkulu wakhe.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 30:6
51 Referans Kwoze  

Ngiyethemba kuNkulunkulu, angiyikwesaba; umuntu angangenzani na?


Mphefumulo wami, zithulisele kuNkulunkulu kuphela, ngokuba ithemba lami livela kuye.


Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJehova, ngakhala kuNkulunkulu wami; walizwa izwi lami esethempelini lakhe; ukukhala kwami phambi kwakhe kwangena ezindlebeni zakhe.


Izinsizi zenhliziyo yami zikhulile; ngikhiphe ezinhluphekweni zami.


ukuze sisho ngesibindi, sithi: “INkosi ingumsizi wami, angiyikwesaba; umuntu angangenzani na?”


owathi kungekho themba wakholwa ngethemba, ukuze abe nguyise wezizwe eziningi, njengalokho okwashiwo ukuthi: “Yoba njalo inzalo yakho;”


Ngiyakholwa, ngalokho ngiyakhuluma; ngahlushwa kakhulu.


Sesiyakuthini ngalokho na? Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na?


UMose wayesekhala kuJehova, ethi: “Ngizakwenzani kulaba bantu na? Sekukancane ukuba bangikhande ngamatshe.”


Yini ukuba udangale, mphefumulo wami, uyaluze phakathi kwami, na? Methembe uNkulunkulu, ngokuba ngisezakumdumisa yena oyinsindiso yobuso bami noNkulunkulu wami.


Lindela uJehova, uqine, inhliziyo yakho ime isibindi; yebo, lindela uJehova.


Siyacindezelwa nxazonke, kodwa asinyinyekile; siyaxakeka, kodwa asidikibali;


Umphefumulo wakhe wawunomunyu, wakhuleka kuJehova, wakhala kakhulu.


Base bethatha amatshe ukuba bamkhande. Kepha uJesu wasithela, waphuma ethempelini.


Kepha inhlangano yonke yathi mabakhandwe ngamatshe. Inkazimulo kaJehova yabonakala etendeni lokuhlangana kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli.


Ngokuba nasekufikeni kwethu eMakedoniya inyama yethu ayibanga nakuphumula, kodwa sakhathazeka nxazonke; ngaphandle kwakukhona ukulwa, ngaphakathi ukwesaba.


Igama likaJehova lingumbhoshongo onamandla; olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.


Jehova, mandla ami nenqaba yami, siphephelo sami ngosuku lokuhlupheka, bayakuza kuwe abezizwe, bevela emajukujukwini omhlaba, bathi: “Obaba badlile ifa lamanga kuphela, okuyize, engekho kukho insizakalo.


Bheka, uyakungibulala, anginathemba; nokho ngiyakuvikela izindlela zami ebusweni bakhe.


Kepha noma sikhathazeka, kungenxa yokududuzwa nokusindiswa kwenu, noma siduduzeka, kungenxa yokududuzwa kwenu okusebenza ukukhuthazela ezinhluphekweni zona lezi esihlupheka ngazo nathi.


akangabazanga ngesithembiso sikaNkulunkulu ngokungakholwa, kodwa waqina ekukholweni, enika uNkulunkulu udumo,


UPilatu wathi kubo: “Pho-ke, ngimenze njani uJesu othiwa uKristu na?” Bonke bathi: “Makabethelwe esiphambanweni.”


Izixuku ezazihamba phambili nezazimlandela zamemeza zathi: “Hosiyana kuyo iNdodana kaDavide! Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi. Hosiyana kweliphezulu!”


Ngokuba ubuyinqaba kwabampofu, inqaba kwabaswelayo ekucindezelweni kwabo, isiphephelo esivunguvungwini, umthunzi ekubaleleni, ngokuba umoya waba nonya, unjengesivunguvungu odongeni,


Umphefumulo wami uzithulele kuNkulunkulu kuphela; insindiso yami ivela kuye.


Utwa lubizana notwa ekuhlokomeni kwezimpophoma zakho; onke amadlambi akho namaza akho eqile phezu kwami.


Abantwana bakwaDani base bethi kuye: “Izwi lakho malingezwakali phakathi kwethu, funa abantu bathukuthele, banehlele, ulahlekelwe ngukuphila kwakho kanye nabendlu yakho.”


UJakobe wayeseshaywa luvalo kakhulu, ekhathazeka; wahlukanisa abantu ababenaye, nezimvu, nezinkomo, namakamela, kwaba ngamaqembu amabili,


Yini ukuba udangale, mphefumulo wami, uyaluze phakathi kwami, na? Methembe uNkulunkulu, ngokuba ngisezakumdumisa ngokusindisa kobuso bakhe.


Wathi futhi uHushayi: “Uyamazi uyihlo nabantu bakhe ukuthi bangamaqhawe nokuthi bacasukile ezinhliziyweni zabo njengebhere* elaphucwe amazinyane alo endle; uyihlo uyindoda yempi, akayikuhlala nabantu.


Wafika kumuntu kaNkulunkulu entabeni, wabamba izinyawo zakhe. UGehazi wasondela ukuba amxoshe, kepha umuntu kaNkulunkulu wathi: “Myeke, ngokuba inhliziyo yakhe imunyu phakathi kwakhe; uJehova ungifihlele lokho, kangitshelanga.”


Kwasuka uJonathani indodana kaSawule, waya kuDavide eHoreshi, waqinisa isandla sakhe kuNkulunkulu.


Jehova uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami; uNkulunkulu wami uyidwala lami engiphephela kulo, nesihlangu sami, nophondo lokusindiswa kwami, inqaba yami ephakemeyo.


Qinani, inhliziyo yenu ibe nesibindi, nina nonke enithemba uJehova.


Nkulunkulu wami, ngikhulule esandleni somubi, esandleni songalungile nesonakeleyo.


Ngokuba wena uyithemba lami, Nkosi Jehova, ithemba lami kwasebusheni bami.


wathi: “Ekuhluphekeni kwami ngakhala kuJehova, wangiphendula; ngisesiswini sendawo yabafileyo ngamemeza, wezwa izwi lami.


Abantu, amadoda akwa-Israyeli, baziqinisa, babuye bahlela impi endaweni abazihlela kuyo ngosuku lokuqala.


USamuweli wathi kuSawule: “Unginyakaziselani ukuba ungenyuse na?” USawule waphendula wathi: “Ngihluphekile kakhulu, ngokuba amaFilisti ayalwa nami; uNkulunkulu ungishiyile, akasangiphenduli nangabaprofethi nangamaphupho; ngalokho ngikubizele ukuba ungazise ukuthi ngiyakwenze njani.”


Ngosuku engakhala ngalo wangiphendula; wangiqunga isibindi, wangipha amandla emphefumulweni wami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite