Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 30:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 UDavide nabantu ababe naye base bedazuluka, bekhala, baze bangabe besaba namandla okukhala.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 UDavide nabantu ababenaye badazuluka, bakhala, baze baphelelwa ngamandla okulila.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 UDavide namadoda ayenaye baphakamisa amazwi abo, bakhala, baze bangabe besaba namandla okukhala.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 30:4
9 Referans Kwoze  

Izithunywa zafika eGibeya likaSawule, zakhuluma lawo mazwi ezindlebeni zabantu; bonke abantu badazuluka, bakhala.


Ekufikeni kwakhe, bheka, u-Eli wayehlezi esihlalweni sakhe ngaseceleni komgwaqo, ngokuba inhliziyo yakhe yayithuthumela ngomphongolo kaNkulunkulu. Esengenile emzini lowo muntu, wakubika, wakhala umuzi wonke.


Abantu base befika eBethele, bahlala khona kwaze kwahlwa phambi kukaNkulunkulu, baphakamisa izwi labo, bakhala kakhulu.


Kwathi ingelosi kaJehova isikhulumile lawo mazwi kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli, abantu badazuluka, bakhala.


UMose wakhuluma lawo mazwi kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli; abantu balila kakhulu.


Inhlangano yonke yayisiphakamisa izwi layo, yakhala. Abantu bakhala izinyembezi ngalobo busuku.


U-Ezra esakhuleka, evuma izono ngokukhala, eziwise phansi phambi kwendlu kaNkulunkulu, kwabuthana kuye kuvela ku-Israyeli ibandla elikhulu kakhulu labesilisa nabesifazane nabantwana, ngokuba abantu bakhala ngokukhala okukhulu.


Lapho uDavide nabantu bakhe befika emzini, bheka, wawushisiwe ngomlilo; omkabo, namadodana abo, namadodakazi abo babethunjiwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite