Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 30:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Wayesemehlisa; bheka, babehlakazekile endaweni yonke, bedla, bephuza, besina phakathi kwayo yonke impango ababeyithathile ezweni lamaFilisti nasezweni lakwaJuda.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Yayisimehlisela kubo. Bheka, babehlakazeke indawo yonke; bedla, bephuza, besina ngenxa yempango ababeyidle ezweni lamaFilisti nakwaJuda.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Lapho emehlisa, bheka, babehlakazekile emhlabeni wonke, bedla, bephuza, besina ngenxa yayo yonke impango enkulu ababeyithathile ezweni lamaFilisti nasezweni lakwaJuda.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 30:16
22 Referans Kwoze  

Nxa bethi: “Ngukuthula nokuhlala kahle,” khona ukubhujiswa kuyabazuma njengemihelo ifikela okhulelweyo, abasoze baphunyuka.


kepha bheka, nakhu ukujabula, nokuthokoza, nokubulala izinkabi, nokuhlaba izimvu, ukudla inyama nokuphuza iwayini, ngokuthi: “Masidle, siphuze, ngokuba ngomuso sizakufa.”


ukuthi ukujabula kwababi kufushane, nokuthokoza kwabangenaNkulunkulu kungokokuphazima kweso nje, na?


U-Abisalomu wayala izinceku zakhe ngokuthi: “Bhekani, lapho inhliziyo ka-Amnoni ithokoza ngewayini nalapho ngithi kini: ‘Bulalani u-Amnoni,’ nimbulale ningesabi; angithi mina nginiyalile na? Yimani isibindi, nibe ngamaqhawe.”


Sangenela ngaseningizimu yamaKhereti, nakwelakwaJuda, naseningizimu kaKalebi, salishisa iSikilagi ngomlilo.”


Bavuka ekuseni ngakusasa, banikela ngeminikelo yokushiswa, baletha iminikelo yokuthula; abantu bahlala phansi ukuba badle, baphuze; bavuka ukuyodlala.


“Buyelani ematendeni enu nemfuyo eningi: izinkomo eziningi kakhulu, nesiliva, negolide, nethusi, nensimbi, nezingubo eziningi, nabelane impango yezitha zenu nabafowenu.”


UDavide wathi kuye: “Ungangehlisela kulelo viyo na?” Wathi: “Funga kimi uNkulunkulu ukuthi awuyikungibulala, unganginikeli ezandleni zenkosi yami, ngiyakukwehlisela kulelo viyo.”


Ngithokoza ngezwi lakho njengozuza impango enkulu.


Uyakwandisa isizwe, ukhulise intokozo yaso; bathokoza phambi kwakho njengokuthokoza ekuvuneni, njengalokhu abantu bethokoza ekwabeleni kwabo impango.


UGideyoni wenyuka ngendlela yabahlala ematendeni ngasempumalanga kwaseNoba neJogibeha, wanqoba impi, impi yayithi ilondekile.


Bachitha insali yama-Amaleki ephunyukileyo, bahlala khona kuze kube namuhla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite