Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 3:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 USamuweli wakhula; uJehova wayenaye; akawisanga phansi nelilodwa lamazwi akhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

19 USamuweli wakhula, uSimakade wayenaye, wawafeza wonke amazwi kaSamuweli.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 USamuweli wakhula, uJehova wayenaye, akavumelanga ukuba kuwele phansi nelilodwa lamazwi akhe.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 3:19
32 Referans Kwoze  

UJehova wayenaye uJosefa, waba ngumuntu onenhlanhla; wayesendlini yenkosi yakhe yaseGibithe.


Yathi kuye: “Bheka, kukhona kulo muzi umuntu kaNkulunkulu, umuntu ohloniphekayo; konke akushoyo kuyakwenzeka impela; masiye khona, mhlawumbe angasitshela indlela esihamba ngayo.”


“Makabongwe uJehova onike abantu bakhe u-Israyeli ukuphumula njengakho konke akushiloyo; akuwanga izwi elilodwa lakho konke ukukhuluma kwakhe okuhle akusho ngesandla sikaMose inceku yakhe.


UJesu waqhubeka ekuhlakanipheni, nasekukhuleni, nasemseni kuNkulunkulu nakubantu.


INkosi mayibe nomoya wakho. Umusa mawube nani.


UJehova wamhambela uHana; wakhulelwa, wazala amadodana amathathu namadodakazi amabili. Umntwana uSamuweli wakhula phambi kukaJehova.


Elokugcina, bazalwane, thokozani, nipheleliswe, niduduzwe, nibe nhliziyonye, nibe nokuthula; khona uNkulunkulu wothando nokuthula uyakuba nani.


Wakhula umntwana, waba namandla, wagcwala ukuhlakanipha; nomusa kaNkulunkulu wawuphezu kwakhe.


Umusa weNkosi uJesu Kristu, nothando lukaNkulunkulu, nokuhlangana kukaMoya oNgcwele makube nani nonke. Amen.


Wakhula-ke umntwana, waba namandla emoyeni; wahlala ehlane kwaze kwaba lusuku lokubonakaliswa kwakhe ku-Israyeli.


Lapho udabula emanzini, mina nginawe; nasemifuleni, ayiyikukukhukhula; lapho uhamba emlilweni, awuyikusha, nelangabi aliyikukushisa.


UDavide waziphatha ngokuhlakanipha kuzo zonke izindlela zakhe; uJehova wayenaye.


“Bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana; bayakuyiqamba igama lokuthi u-Emanuweli,” okungukuthi ngokuhunyushwa “uNkulunkulu unathi”.


ogcwalisa izwi lenceku yakhe, afeze ukululekana kwezithunywa zakhe, oshoyo ngalo iJerusalema, athi: ‘Liyakuba nabantu,’ nangemizi yakwaJuda ukuthi: ‘Iyakwakhiwa, ngibuye ngivuse incithakalo yakhona;’


Kwathi ngaleso sikhathi u-Abimeleki noPikoli, induna yempi yakhe, bakhuluma ku-Abrahama, bathi: “UNkulunkulu unawe kukho konke okwenzayo.


Yangena ingelosi kuye, yathi: “E wena ophiwe umusa! INkosi inawe; ubusisiwe esifazaneni.”


Owesifazane wazala indodana, waqamba igama layo ngokuthi uSamsoni; umntwana wakhula, uJehova wambusisa.


Bheka, nginawe; ngiyakukulondoloza nakuphi lapho uya khona, ngikubuyisele kuleli zwe, ngokuba angiyikukushiya, ngingakakwenzi lokho engikushilo kuwe.”


Manje bhekani, inkosi iyahamba phambi kwenu; mina sengimdala, ngiyimpunga; nanka amadodana ami akini; ngihambile phambi kwenu kwasebusheni bami kuze kube namuhla.


Kwaphendula enye insizwa, yathi: “Bheka, ngibonile indodana kaJese waseBetlehema eyazi ukubetha, eyiqhawe elinamandla, eyindoda yempi nehlakaniphile ekukhulumeni, ebukeka, emuhle futhi; uJehova unayo.”


Inkosi yakhe yabona ukuthi uJehova unaye nokuthi konke akwenzayo uJehova wakuphumelelisa esandleni sakhe.


yazi-ke ukuthi lokhu umprofethi akukhulumayo egameni likaJehova, bese ingenzeki leyo nto, ingaveli iyiyo leyo nto, akusiye uJehova oyikhulumile; umprofethi uyikhulumile ngokuziqhenya; ungamesabi.


Akuphuthanga lutho kukho konke okuhle uJehova akukhuluma khona kuyo indlu ka-Israyeli; kwenziwa konke.


Umntwana uSamuweli waqhubeka wakhula, waba muhle kuJehova nakubantu.


Kuyakuthi lapho lezo zibonakaliso sezifikile kuwe, wenze esikufumanayo isandla sakho, ngokuba uNkulunkulu unawe.


UDavide waphuma, waya nomaphi lapho uSawule emthuma khona, waziphatha ngokuhlakanipha; uSawule wambeka phezu kwamadoda empi; wayemuhle emehlweni abantu bonke nasemehlweni ezinceku zikaSawule.


USawule wamesaba uDavide, ngokuba uJehova wayenaye, kepha wayesukile kuSawule.


Qaphelani manje ukuthi akuyikuwela phansi lutho lwezwi likaJehova alikhulumayo uJehova ngendlu ka-Ahabi; uJehova wenzile lokho akukhulumayo ngesandla senceku yakhe u-Eliya.”


Yilelo izwi likaJehova alikhuluma kuJehu ngokuthi: “Amadodana akho kuze kube sesizukulwaneni sesine ayakuhlala esihlalweni sakwa-Israyeli.” Kwaba njalo.


Usho kanje uJehova, uthi: Bhekani, ngiyakwehlisela okubi phezu kwale ndawo naphezu kwabakhileyo kuyo, onke amazwi aleyo ncwadi eyifundile inkosi yakwaJuda,


liyakuba njalo izwi lami eliphuma emlonyeni wami: aliyikubuyela ze kimi, lingakafezi lokhu engikufunayo, liphumelele kulokhu engilithumele kukho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite