Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 29:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 U-Akhishi wambiza uDavide, wathi kuye: “Kuphila kukaJehova, wena uqotho; ukuphuma kwakho nokungena kwakho nami empini kuhle emehlweni ami, ngokuba angifumananaga bubi kuwe kusukela osukwini lokufika kwakho kimi kuze kube namuhla; nokho emehlweni amakhosi awumuhle.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 U-Akhishi wambiza uDavide, wathi kuye: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade, wena uqotho; ngikubone kukuhle emehlweni ami ukuba uphume futhi ubuye nami empini, ngokuba angifumananga bubi kuwe kusukela ngosuku owafika ngalo kimi kuze kube namuhla, kodwa amakhosi awakuboni kukuhle ukuba uhambe nathi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 U-Akhishi wayesembiza uDavide, wathi kuye: “Ngempela, kuphila kukaJehova, wena ulungile, nokuphuma kwakho nokungena kwakho nami empini kuhle emehlweni ami; ngokuba angifumananga bubi kuwe kusukela osukwini lokufika kwakho kimi kuze kube namuhla;

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 29:6
19 Referans Kwoze  

“ ‘Kepha ukuhlala kwakho, nokuphuma kwakho, nokungena kwakho ngiyakwazi, nokubhovumula kwakho ngami.


Uyamazi u-Abineri indodana kaNeri ukuthi wafika ukukukhohlisa nokwazi ukuphuma kwakho nokungena kwakho, nokwazi konke okwenzayo.”


UJehova uyakulondoloza ukuphuma kwakho nokungena kwakho kusukela kulesi sikhathi kuze kube phakade.


UDavide wabuye wafunga, wathi: “Uyihlo uyazi kahle ukuthi ngifumene umusa emehlweni akho; uthi: ‘Makangazi lokhu uJonathani, funa abe nosizi.’ Kepha, kuphila kukaJehova nokuphila kwakho, kukhona isinyathelo esisodwa nje phakathi kwami nokufa.”


kodwa kube ngobumnene nangokwesaba, nibe nonembeza omuhle, ukuze kuthi kulokho abanihleba ngakho bajabhiswe labo abathuka ukuhamba kwenu okuhle kuKristu.


nibe nenkambo enhle phakathi kwabezizwe, ukuze kuthi lapho benihleba ngokungathi ningabenzi bokubi, ngokubona imisebenzi yenu emihle badumise uNkulunkulu ngosuku lokuhanjelwa.


Kanjalo makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu ukuba babone imisebenzi yenu emihle, badumise uYihlo osezulwini.


Kuyakuthi uma beyakuzifunda nokuzifunda izindlela zabantu bami ukuba bafunge igama lami ngokuthi: ‘Kuphila kukaJehova,’ njengalokhu kade befundisa abantu bami ukufunga uBali, bakhiwe phakathi kwabantu bami.


ukuze kuthi ozibusisa emhlabeni azibusise kuNkulunkulu weqiniso, nofunga emhlabeni, afunge uNkulunkulu weqiniso, ngokuba izinhlupheko zakuqala zikhohlakele nangokuba zisithele emehlweni ami.”


“Kepha ukuhlala kwakho, nokuphuma kwakho, nokungena kwakho ngiyakwazi, nokubhovumula kwakho ngami.


Zase zithi izikhulu zamaFilisti: “Ayini lawa maHeberu na?” U-Akhishi wathi kuzo izikhulu zamaFilisti: “Akusiye uDavide inceku kaSawule inkosi yakwa-Israyeli okade enami kulezi zinsuku nakule minyaka na? Angifumananga lutho kuye selokhu ahlubuka weza kimi kuze kube namuhla.”


USawule wafunga uJehova kuye owesifazane, wathi: “Kuphila kukaJehova, awuyikwehlelwa cala ngalokho.”


Kuthe uFinehasi umpristi, nezikhulu zenhlangano, izinhloko zemindeni yakwa-Israyeli ezazinaye sezizwile amazwi akhulunywa ngabantwana bakwaRubeni, nangabantwana bakwaGadi, nangabantwana bakwaManase, kwaba kuhle emehlweni abo.


Womesaba uJehova uNkulunkulu wakho, umkhonze, unamathele kuye, ufunge igama lakhe.


ongaphuma phambi kwabo, angene phambi kwabo, abakhiphe, abangenise, ukuze inhlangano kaJehova ingabi njengezimvu ezingenamalusi.”


U-Abrama wathi kuSarayi: “Bheka, incekukazi yakho isesandleni sakho; yenza kuyo okufanele emehlweni akho.” USarayi wayilaya, yabaleka ebusweni bakhe.


Bathuma babuthela kubo onke amakhosi amaFilisti, bathi: “Siyakwenzani ngomphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli na?” Athi: “Umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli mawususelwe eGati.” Bawususela umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli khona.


Ngalokho buya, uhambe ngokuthula, ungenzi okubi emehlweni amakhosi amaFilisti.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite