Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 29:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Ngalokho vuka ekuseni kusasa kanye nezinceku zenkosi yakho ezifike nawe; senivukile ekuseni kusasa, sekukhanya, hambani.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Ngakho-ke vuka ngovivi kusasa, wena nezinceku zenkosi yakho ezifike nawe. Sukani ekuseni kakhulu lapho sekuqala ukukhanya, nihambe.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ngakho-ke kumelwe uvuke ekuseni kanye nezinceku zenkosi yakho eza nawe; futhi lapho nje uvuka ekuseni kakhulu futhi ukhanyise, hamba.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 29:10
8 Referans Kwoze  

Kwafika abanye kwabakwaManase kuDavide, lapho efika namaFilisti ukulwa noSawule, kepha abawasizanga, ngokuba izinduna zamaFilisti sezilulekene zammukisa, zathi: “Uyakuhlubukela enkosini yakhe uSawule, amakhanda ethu abe sengozini.”


iNkosi iyakwazi ukuhlangulisa ekulingweni abamesabayo uNkulunkulu, kepha abangalungile iyabagcinela usuku lokwahlulelwa, bajeziswe,


Anifikelwanga ukulingwa okungenjengokwabantu; kepha uNkulunkulu uthembekile, ongayikuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu, kepha oyakuthi kanye nokulingwa anenzele indlela yokuphepha, nize nibe namandla okukuthwala.


Ngokuba imihla ngemihla bafika kuDavide ukumsiza, kwaze kwaba yimpi enkulu njengempi kaNkulunkulu.


U-Abrahama waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi uJehova uyabonelela, njengalokhu kuthiwa nanamuhla: Entabeni kaJehova kuyakubonelelwa.


UDavide wavuka ekuseni, yena nabantu bakhe, ukuba bahambe ekuseni, babuyele ezweni lamaFilisti. AmaFilisti enyukela eJizreyeli.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite