Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 28:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Owesifazane wathi kuye: “Bheka, uyazi ukuthi uSawule wenzeni, ukuba unqumile ezweni abanamadlozi phakathi kwabo nabathakathi; ngalokho ungibekelelani ugibe ukuba ungibulale na?”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Owesifazane wathi: “Uyabona-ke, wazi kahle ukuthi uSawule wenzeni, ubabhubhisile ezweni abanamadlozi nabathakathi; manje kungani ungibekela ugibe ukuze ungibulale na?”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Owesifazana wasesithi kuye: Khangela, uyakwazi wena akwenzayo uSawuli, ukuthi waqeda imimoya yabafileyo labathakathi elizweni; ngalokho ubeke ugibe ukuze umphefumulo wami ufe na?

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 28:9
5 Referans Kwoze  

USamuweli wayesefile; wonke u-Israyeli wamkhalela, wammbela eRama umuzi wakhe. USawule wayexoshile ezweni abanamadlozi phakathi kwabo nabathakathi.


Kwathi inkosi yakwa-Israyeli isiyifundile incwadi, yaklebhula izingubo zayo, yathi: “Mina nginguNkulunkulu yini ukuba ngibulale, ngiphilise, ukuze lo athumele kimi umuntu ukumphilisa ochokweni lwakhe, na? Ake niqonde, nibone ukufuna kwakhe ithuba lokulwa nami.”


Uma bengisebenzile inkohliso ngokuphila kwakhe, njengokuba kungekho nto efihlwa enkosini, nawe uqobo ngabe umelene nami.”


“ ‘Ningaphendukeli kwabanamadlozi nakubathakathi, ningabafuni ukuba ningcoliswe yibo; nginguJehova uNkulunkulu wenu.


USawule wafunga uJehova kuye owesifazane, wathi: “Kuphila kukaJehova, awuyikwehlelwa cala ngalokho.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite