Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 28:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 USawule wabuza kuJehova; uJehova akamphendulanga nangamaphupho, nange-Urimi,* nangabaprofethi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 USawule wabuza kuSimakade, kodwa uSimakade akamphendulanga ngamaphupho, nge-Urimi noma nangabaphrofethi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Lapho uSawule ebuza kuJehova, uJehova akamphendulanga, kungengamaphupho, nange-Urimi, nangabaprofethi.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 28:6
25 Referans Kwoze  

USawule wabuza kuNkulunkulu wathi: “Ngehle ngilandele amaFilisti na? Uyakuwanikela esandleni sakwa-Israyeli na?” Kepha akamphendulanga ngalolo suku.


Wayesethi: “Yizwani manje amazwi ami: uma kukhona umprofethi phakathi kwenu, mina Jehova ngiyakuzibonakalisa kuye ngombono, ngikhulume kuye ngephupho.


Amasango alo ashona emhlabathini; wachitha, wayaphula imigoqo yalo. Inkosi nezikhulu zalo baphakathi kwezizwe, lapho kungekho khona umthetho. Nabaprofethi balo abatholi mbono kuJehova.


Uyakuma phambi kuka-Eleyazare umpristi oyakumbuzela ngokunquma kwe-Urimi* phambi kukaJehova; ngezwi lakhe bayakuphuma nangezwi lakhe bayakungena, yena nabo bonke abantwana bakwa-Israyeli kanye naye, yebo, yonke inhlangano.”


niyacela, nokho anamukeliswa, ngokuba nicela kabi, ukuze nikuchithele ezinkanukweni zenu.


Siyazi ukuthi uNkulunkulu akazizwa izoni, kodwa uma umuntu emesaba uNkulunkulu, ayenze intando yakhe, uyamuzwa lowo.


Esazindla ngalokho, bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala kuye ngephupho, ithi: “Josefa, ndodana kaDavide, ungesabi ukumthatha uMariya umkakho, ngokuba lokho akukhulelweyo kungoMoya oNgcwele.


Umprofethi onephupho makalilandise iphupho, kepha onezwi lami makalikhulume izwi lami ngeqiniso. Amakhoba ayini kukolweni na?” usho uJehova.


NgoLevi wathi: “AmaThumimi nama-Urimi* akho akuye othembekileyo wakho, owamvivinya eMasa, owaphikisana naye ngasemanzini aseMeriba,


Ufake esihlangwini sesifuba sokwahlulela i-Urimi neThumimi,* ahlale phezu kwenhliziyo ka-Aroni, nxa engena phambi kukaJehova; u-Aroni athwale ukwahlulelwa kwabantwana bakwa-Israyeli phezu kwenhliziyo yakhe phambi kukaJehova njalo.


Ungazigabisi ngolwakusasa, ngokuba awukwazi okungavela ngosuku.


Izimpawu zethu asiziboni; akusekho mprofethi; akakho kithina owaziyo ukuthi koze kube nini.


uhla lwesine lube yikrisolithe,* neshohamu,* nejaspi;* azungezwe ngegolide ezisekelweni zawo.


Wamfaka isihlangu sesifuba, nasesihlangwini sesifuba wabeka i-Urimi neThumimi.*


Lapho uSawule ebona impi yamaFilisti, wesaba, inhliziyo yakhe yathuthumela kakhulu.


USamuweli wathi kuSawule: “Unginyakaziselani ukuba ungenyuse na?” USawule waphendula wathi: “Ngihluphekile kakhulu, ngokuba amaFilisti ayalwa nami; uNkulunkulu ungishiyile, akasangiphenduli nangabaprofethi nangamaphupho; ngalokho ngikubizele ukuba ungazise ukuthi ngiyakwenze njani.”


Bakhala, kepha akubangakho osindisayo, nakuJehova, kodwa akaze aphendula.


“Kuyakuthi ngasemuva ngithulule uMoya wami phezu kwayo yonke inyama; amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha, abadala benu baphuphe amaphupho, izinsizwa zenu zibone imibono;


Ababoni bayakuba namahloni, ababhuli bayangaze; bayakumboza amadevu abo bonke, ngokuba akuveli mpendulo kuNkulunkulu.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite