Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 28:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 AmaFilisti abuthana afika, amisa eShunemi; uSawule wabutha wonke u-Israyeli, wamisa eGilibowa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 AmaFilisti abuthana, eza, akanisa eShunemi, noSawule waqoqa wonke u-Israyeli, wakanisa eGilibhowa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 AmaFilisti abuthana, eza amisa inkamba eShunemi; uSawule wabutha wonke u-Israyeli, wamisa eGilibowa.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 28:4
9 Referans Kwoze  

AmaFilisti alwa no-Israyeli; abantu bakwa-Israyeli babaleka phambi kwamaFilisti, bawa begwaziwe entabeni yaseGilibowa.


Umkhawulo wabo wawuyiJizreyeli, neKesuloti, neShunemi,


Kwathi ngelinye ilanga u-Elisha wadlulela eShunemi lapho kwakukhona owesifazane ocebileyo, wamcindezela ukuba adle isinkwa. Kwakuthi njalo nxa edlula, waphambukela khona ukuba adle.


UDavide waya wathatha amathambo kaSawule namathambo kaJonathani indodana yakhe kubantu baseJabeshi Gileyadi ababewebile esigcawini saseBeti Shani, lapho, amaFilisti ayebaphanyeke khona, mhla amaFilisti embulala uSawule eGilibowa.


“Nina zintaba zaseGilibowa, makungabikho mazolo namvula phezu kwenu, nokugubha kotwa, ngokuba isihlangu samaqhawe santshingwa, isihlangu sikaSawule, singagcotshwanga ngamafutha.


Insizwa eyamtshelayo yathi: “Ngithe ngisentabeni yaseGilibowa, bheka, uSawule wencika emkhontweni, kwamjonga kakhulu izinqola nabamahhashi.


Lapho uSawule ebona impi yamaFilisti, wesaba, inhliziyo yakhe yathuthumela kakhulu.


Base befuna intombi enhle phakathi kwemikhawulo yonke yakwa-Israyeli, bathola u-Abishagi waseShunemi, bamletha enkosini.


Kwathi ngangomuso, lapho amaFilisti efika ukuphanga ababuleweyo, afumana uSawule namadodana akhe omathathu bewile entabeni yaseGilibowa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite