Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 28:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Futhi uJehova uyakunikela u-Israyeli kanye nawe esandleni samaFilisti; kusasa wena namadodana akho niyakuba nami; uJehova uyakunikela nempi yabakwa-Israyeli esandleni samaFilisti.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

19 USimakade uzonikela u-Israyeli nawe esandleni samaFilisti. Kusasa wena namadodana akho, nizokuba nami; uSimakade uzokunikela nempi yabakwa-Israyeli esandleni samaFilisti.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Futhi uJehova uyakunikela no-Israyeli kanye nawe esandleni samaFilisti; kusasa wena namadodana akho niyakuba naMi; uJehova uyakunikela impi yakwa-Israyeli esandleni samaFilisti.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 28:19
12 Referans Kwoze  

Kuthe u-Ananiya ezwa lawo mazwi, wawa phansi, wafa, ukwesaba okukhulu kwehlela bonke abezwa lokho.


INdodana yomuntu iyamuka kambe njengokulotshiwe ngayo, kepha maye kulowo muntu iNdodana yomuntu ekhashelwa ngaye! Nga kukuhle kulowo muntu ukuba kazalwanga.”


Wayesethi uMikhaya: “Uma ubuya impela ngokuphila, uyakube engakhulumanga ngami uJehova.” Wathi futhi: “Yizwani nina bantu bonke.”


UJehova wathi: ‘Ngubani oyakuyenga u-Ahabi ukuba enyuke afele eRamoti Gileyadi na?’ “Omunye washo ukuthi nomunye ukuthi.


Kodwa uma nisenza okubi, niyakubhubha nina nenkosi yenu.”


Bheka, kusasa ngalesi sikhathi ngiyakuwisa isichotho esinzima kakhulu, esingazange sibe khona esingaka eGibithe, selokhu lakhiwa kuze kube manje.


USawule wayesewela phansi ngekhanda, wesaba kakhulu ngenxa yamazwi kaSamuweli, akwabakho mandla kuye, ngokuba akadlanga lutho ngosuku lonke nobusuku bonke.


Lapho amashinga ayekile ukudlova; lapho baphumule abaphelile amandla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite