Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 28:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Ngokuba awulalelanga izwi likaJehova, awenzanga ulaka lwakhe olushisayo phezu kwama-Amaleki; ngalokho uJehova wenzile lokhu kuwe namuhla.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

18 Ngokuba awulalelanga izwi likaSimakade, awuthululelanga ulaka lwakhe oluvuthayo phezu kwama-Amaleki, yingakho-ke uSimakade enze lokhu kuwe namuhla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Ngenxa yokuthi awulilalelanga izwi likaJehova, futhi awuvumelanga ukufutheka kwentukuthelo yakhe kuma-Amaleki, yingakho uJehova enze le nto kini namuhla.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 28:18
9 Referans Kwoze  

Wathi kuyo: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Ngokuba umyekile ukuba aphume esandleni sakho umuntu engangimqalekisile, ukuphila kwakho kuyakuba sesikhundleni sokuphila kwakhe, nabantu bakho babe sesikhundleni sabantu bakhe.’ ”


Kepha uSawule nabantu bayeka u-Agagi nezinhle nezikhulupheleyo zezimvu nezezinkabi, namawundlu, nakho konke okuhle; babengavumi ukukuqeda lokho; kodwa zonke izinto ezidelekileyo nezondileyo baziqeda nya.


“Makaqalekiswe owenza umsebenzi kaJehova ngokunganakekeli, aqalekiswe naye ogodla inkemba yakhe egazini.


Wafa kanjalo-ke uSawule ngesiphambeko sakhe aphambuka ngaso kuJehova ngenxa yezwi likaJehova angaligcinanga nangokuba kade eyile ukubhula konedlozi ukuba abuze kuye,


USawule wathi kuSamuweli: “Ngililalele izwi likaJehova, ngihambile indlela uJehova owangithuma yona, ngimlethile u-Agagi inkosi yama-Amaleki, ngachitha impela ama-Amaleki.


USawule wayesethi: “Lethani kimi umnikelo wokushiswa neminikelo yokuthula.” Wanikela ngomnikelo wokushiswa.


USamuweli wathi kuye: “UJehova uklebhulile umbuso ka-Israyeli kuwe namuhla, uwunikile umngane wakho omuhle kunawe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite