Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 27:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 U-Akhishi wakholwa nguDavide, wathi: “Wenze ukuba anengwe nokunengwa ngabantu bakhe abakwa-Israyeli; ngalokho uyakuba yinceku yami kuze kube nini.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 U-Akhishi wakholwa ngokwakushiwo nguDavide, wathi: “Wenze ukuba abacasukele impela abantu bakubo, abakwa-Israyeli, uzokuba yinceku yami njalo.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 U-Akhishi wamkholwa uDavide, wathi: “Wenzé abantu bakhe u-Israyeli baba yisinengiso kuye; ngalokho uyakuba yinceku yami kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 27:12
6 Referans Kwoze  

Wonke u-Israyeli wezwa kuthiwa uSawule uchithile ikhanda lamaFilisti nokuthi u-Israyeli uyanengeka kuwo amaFilisti. Abantu babuthwa ukuba bamlandele uSawule, baye eGiligali.


UJakobe wayesethi koSimeyoni noLevi: “Ningihluphile, ningenzile ukuba nginukele kabi abantu bezwe, amaKhanani namaPherizi, lokhu ngiyingcosana, bayakungihlanganyela, bangibulale, ngichithwe mina nendlu yami.”


Zathi kubo: “UJehova makanibheke, ahlulele, ngokuba nilenzile iphunga lethu linuke kabi emehlweni kaFaro nasemehlweni ezinceku zakhe, nibeke inkemba esandleni sabo ukuba basibulale.”


UDavide akashiyanga owesilisa nowesifazane ephilile ukubayisa eGati, ethi: “Funa basicebe ngokuthi: ‘Wenze njalo uDavide.’ ” Yayinjalo indlela yakhe zonke izinsuku ehlezi ezweni lamaFilisti.


Kwathi ngalezo zinsuku amaFilisti abutha amabutho awo ukuba aphume impi no-Israyeli. U-Akhishi wathi kuDavide: “Yazi nokwazi ukuthi uyakuphuma impi nami, wena nabantu bakho.”


Abantwana bakwa-Amoni sebebone ukuthi banengekile kuDavide, abakwa-Amoni bathuma baqasha ama-Aramu aseBeti Rehobe nama-Aramu aseSoba, imigundatshani eyizinkulungwane ezingamashumi amabili, nenkosi yaseMahakha inabantu abayinkulungwane, nabantu baseThobi beyizinkulungwane eziyishumi nambili.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite