Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 27:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 U-Akhishi wathi: “Ningenelephi namuhla na?” UDavide wathi: “Bekuseningizimu kwaJuda, naseningizimu kwamaJerameli, naseningizimu kwamaKheni.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 U-Akhishi wambuza, wathi: “Benihlasele kuphi namuhla na?” UDavide waphendula wathi: “Siye eningizimu kwaJuda, eningizimu kwaJerameli, naseningizimu yelamaKheni.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Wathi u-Agi: “Iphi indlela oyenze ngayo namuhla na?” UDavide wathi: “Ngeningizimu yakwaJuda naseningizimu yamaJerameli naseningizimu yamaKheni.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 27:10
21 Referans Kwoze  

Abantwana bomKheni umukhwe kaMose benyuka emzini wamasundu nabantwana bakwaJuda, baya ehlane lakwaJuda elingaseningizimu kwase-Aradi; baya bakha nabantu bakhona.


Amadodana kaJerameli, izibulo likaHesironi, ayenguRamu izibulo, noBuna, no-Oreni, no-Osemi, no-Ahiya.


Amadodana kaHesironi awazalelwayo: ngoJerameli, noRamu, noKelubayi.


nakwabaseRakali, nakwabasemizini yamaJerameli, nakwabasemizini yamaKheni,


Kepha uHebere umKheni wayezahlukanisile namaKheni, abantwana bakwaHobabi umukhwe kaMose, wamisa itende lakhe kwaze kwaba se-okini* laseShananimi eliseduze neKedeshi.


Ngakho lahlani amanga, nikhulume iqiniso, yilowo nalowo nomakhelwane wakhe, lokhu singamalungu omunye komunye.


Ukwesaba abantu kubeka ugibe, kepha owethemba uJehova uyalondeka.


Amanga ngiyawazonda, ngiyawenyanya; umthetho wakho ngiyawuthanda.


Susa kimi indlela yamanga, ungiphe ngomusa umthetho wakho.


Zase zifika izinceku zika-Abisalomu kowesifazane endlini, zathi: “Baphi o-Ahimahasi noJonathani na?” Owesifazane wathi kuzo: “Bawuwele umfudlana.” Sezibafunile zingabatholanga, zabuyela eJerusalema.


Kepha kwafika isithunywa kuSawule, sithi: “Shesha ufike, ngokuba amaFilisti angenele izwe.”


UDavide wathi ku-Ahimeleki umpristi: “Inkosi ingiyalezile udaba, yathi kimi: ‘Makungazi muntu ngalolu daba engikuthuma ngalo nengikuyale ngalo.’ Izinsizwa zami ngizazisile indawo ethile.


USawule wathi kumaKheni: “Hambani nimuke, nehle kuwo ama-Amaleki, funa nginichithe kanye nawo, ngokuba nabenzela umusa bonke abantwana bakwa-Israyeli ekukhuphukeni kwabo eGibithe.” Ayesesuka amaKheni phakathi kwama-Amaleki.


“Uyakubusiswa phezu kwabesifazane uJayeli umkaHebere umKheni, abusiswe phezu kwabesifazane basematendeni.


Wayesewabuka amaKheni, wathatha isisho sakhe, wathi: “Inamandla indawo yakho yokuhlala; isidleke sakho simisiwe edwaleni.


Kepha wayesethi: “Uyindodana yami u-Esawu uqobo na?” Wathi: “Nginguye.”


UDavide akashiyanga owesilisa nowesifazane ephilile ukubayisa eGati, ethi: “Funa basicebe ngokuthi: ‘Wenze njalo uDavide.’ ” Yayinjalo indlela yakhe zonke izinsuku ehlezi ezweni lamaFilisti.


UDavide wathi ku-Akhishi: “Kepha ngenzeni na? Ufumeneni encekwini yakho, kusukela osukwini engaba phambi kwakho ngalo kuze kube namuhla, ukuba ngingayi ukulwa nezitha zenkosi yami, inkosi, na?”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite