Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 27:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UDavide wathi enhliziyweni yakhe: “Ngiyakubhubha ngelinye ilanga ngesandla sikaSawule; akukho okungcono kimi kunokuba ngibaleke, ngiye ezweni lamaFilisti; uSawule uyakungiyeka, angabe esangifuna emikhawulweni yonke yakwa-Israyeli, ngiphunyuke esandleni sakhe.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 UDavide wathi enhliziyweni yakhe: “Ngelinye ilanga uSawule uzongibulala. Akukho engingakwenza, kungcono ngibaleke, ngiye ezweni lamaFilisti. USawule uzoyeka ukungifuna esifundeni sonke sakwa-Israyeli, bese ngiphunyuka kanjalo esandleni sakhe.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 UDavida wasesithi enhliziyweni yakhe: Ngolunye usuku ngizabhubha ngesandla sikaSawuli; uSawule uyakudangala ngami ukungifuna ezindaweni zonke zakwa-Israyeli; ngakho ngiyakuphunyuka esandleni sakhe.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 27:1
29 Referans Kwoze  

“Yimina, yimi enginguye oniduduzayo; ungubani wena ukuba wesabe umuntu ofayo, nendodana yomuntu eyakwenziwa ibe njengotshani, na?


Wathi kuye: “Ungesabi, ngokuba isandla sikaSawule ubaba asiyikukufumana; wena uyakuba yinkosi phezu kuka-Israyeli, mina ngikwelame; noSawule ubaba uyakwazi lokho.”


Ithemba elilitshazisiweyo ligulisa inhliziyo; isifiso esigcwalisiweyo singumuthi wokuphila.


Ngathi osizini lwami: “Bonke abantu banamanga.”


Amakhosi amaFilisti adlula ngamakhulu nangezinkulungwane; uDavide nabantu bakhe badlula emuva kanye no-Akhishi.


Kuyakuthi lapho uJehova esekwenzile enkosini yami njengakho konke okuhle akukhulumileyo ngawe, akubeke ube ngumbusi kwa-Israyeli,


Umprofethi uGadi wathi kuDavide: “Ungahlali enqabeni; hamba uye ezweni lakwaJuda.” Wayesesuka uDavide, wafika ehlathini laseHereti.


USamuweli wayesethatha uphondo lwamafutha, wamgcoba phakathi kwabafowabo; uMoya kaJehova wehlela phezu kukaDavide ngamandla, kusukela kulolo suku kuya phambili. Wayesesuka uSamuweli, waya eRama.


UJehova wathi kuSamuweli: “Uyakumkhalela kuze kube nini na? Ngokuba ngimlahlile ukuba angabe esaba yinkosi phezu kuka-Israyeli. Gcwalisa uphondo lwakho ngamafutha, uhambe; ngiyakukuthuma kuJese waseBetlehema, ngokuba ngizibonele inkosi phakathi kwamadodana akhe.”


Leli alisilo izwi esalikhuluma kuwe eGibithe, sithi: ‘Siyeke, sikhonze abaseGibithe,’ na? Ngokuba bekuyakuba ngcono kithi ukubakhonza abaseGibithe kunokuba sifele ehlane.”


Ngokuba nasekufikeni kwethu eMakedoniya inyama yethu ayibanga nakuphumula, kodwa sakhathazeka nxazonke; ngaphandle kwakukhona ukulwa, ngaphakathi ukwesaba.


Wathi kubo: “Yini ukuba nesabe kangaka na? Yini ukuba ningabi nakukholwa na?”


Masinyane uJesu welula isandla, wambamba, wathi kuye: “Awu, wena onokukholwa okuncinyane, ungabazeleni na?”


UJehova usilethelani kuleli zwe, siwe ngenkemba na? Omkethu nabancane bethu bayakuba yimpango; bekungengcono yini kithi ukubuyela eGibithe na?”


Ngalokho mayizwe inkosi yami, inkosi, amazwi enceku yayo. Uma nguJehova okuncokoloza ngami, makamukele umnikelo, kepha uma kungabantwana babantu, mabaqalekiswe phambi kukaJehova, ngokuba bangixoshile namuhla ukuba ngingazihlanganisi nefa likaJehova, bethi: ‘Hamba ukhonze abanye onkulunkulu.’


Zase zithi izikhulu zamaFilisti: “Ayini lawa maHeberu na?” U-Akhishi wathi kuzo izikhulu zamaFilisti: “Akusiye uDavide inceku kaSawule inkosi yakwa-Israyeli okade enami kulezi zinsuku nakule minyaka na? Angifumananga lutho kuye selokhu ahlubuka weza kimi kuze kube namuhla.”


UDavide wabuye wafunga, wathi: “Uyihlo uyazi kahle ukuthi ngifumene umusa emehlweni akho; uthi: ‘Makangazi lokhu uJonathani, funa abe nosizi.’ Kepha, kuphila kukaJehova nokuphila kwakho, kukhona isinyathelo esisodwa nje phakathi kwami nokufa.”


UJerobowamu wathi enhliziyweni yakhe: “Manje umbuso uyakubuyela endlini kaDavide.


Inkosi isithathe isiluleko, yenza amathole amabili egolide, yathi kubo: “Sekwanele ukuba nikhuphukele eJerusalema; bheka onkulunkulu bakho, Israyeli, abakukhuphula ezweni laseGibithe.”


Esezwile lokho wasuka, wahamba ukuba asinde, waya eBeri Sheba elingelakwaJuda, washiya khona inceku yakhe.


U-Amasiya, inkosi yakwaJuda, eselulekiwe wathumela kuJowashi indodana kaJehowahazi kaJehu, inkosi yakwa-Israyeli, wathi: “Woza sibhekane ubuso nobuso.”


Bheka, bengiyakubaleka, ngiye kude, ngingenise ehlane. Sela*


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite